BETHUKE kwaphela nasozwaneni ozakwabo bakaMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka (32) ebenguthisha esikoleni iZiphozethu Primary eLindelani, KwaDukuza, bezwa ukuthi ubulale ingoduso ngesihluku, wase ezibulala naye.
Isolezwe lithole ukuthi uNtaka ubeneminyaka eyisithupha ejoyine lesi sikole abefundisa kuso isiNgisi.
Kuvela ukuthi ngaphambi kwalokho, uke wafundisa esikoleni esiKwaNongoma iminyaka embalwa.
Othisha ababili ebebesebenza nomufi, abacele ukuthi bangadalulwa njengoba bengavumelekile ukukhuluma nabezindaba, bavumelane ngazwi linye ukuthi isigameko asiyona into ebebengayilindela kuNtaka.
Ephawula uthisha wokuqala uthe uNtaka ubengumuntu obahlonipha kakhulu abantu kanjalo nomsebenzi wakhe.
“Ubehlale ezihlekela. Asimkhumbuli nangelilodwa ilanga ediniwe,” kusho uthisha wokuqala.
Owesibili uthe ayikho into abeyithanda njengomsebenzi wakhe, wathi ubehlale ehamba phambili ngisho nakwezemidlalo esikoleni, aphinde ahlale ekulangazelela ukufunda izinto ezintsha.
“Ubungeke umthinte esifundweni abesifundisa, isiNgisi. Silahlekelwe kakhulu esiNgisini, ubenguthisha waso ohamba phambili,” kusho uthisha wesibili.
Nokho bobabili baveze ukuthi baluqaphele ushintsho kuyena sekuzovalwa izikole.
Bathe uvele washintsha waba wumuntu othula ngendlela engajwayelekile kodwa bangacabanga ukuthi kukhona abhekene nakho.
“Besingazi ukuthi lokhu kuthula kwakhe bekukhomba ukuthi kukhona into abhekene nayo empilweni yakhe. Sithuke sesibona ngesigameko ezinkundleni zokuxhumana, sashaqeka,” kusho uthisha wesibili.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi edlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe uthe baphatheke kabi ngesigameko.
“Siqeda kuba nomkhankaso wezinsuku ezingu-16 wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Kubuhlungu ukuthi silahlekelwe abantu ngale ndlela,” kusho uMahlambi.
Omunye uthisha obefundisa noNtaka uthe ubeke wabhoboka ngezinkinga zakhe komunye uzakwabo. Uthe bekunezinhlelo zokuthi alekelelwe ngokwelulekwa ngengqondo uma sekuvulwa izikole uma utalatiya obelumembethe beluzobe lungakasonjululwa.