BASOLA ukushaywa ngendlebe etsheni wuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal othisha abangaqashiwe, emva kokuthi umemezele inqwaba yezikhala zothisha ezisesigabeni u-Post Level One (PL1), ezikhangiswe esidlangalaleni okokuqala, osekuvele ukuthi ezinye zazo kudala zavalwa.
Umnyango wenze isimemezelo sezikhala ezingu-747 ezikhangiswe ngokuvulelekile, osekuvumeleke noma wubani onalokho okudingekayo afake ngqo isicelo somsebenzi emnyangweni obekungenzeki phambilini. Emva kwesimemezelo kube negidigidi kubantu abaningi nasezinkundleni zokuxhumana, kunconywa isinqumo njengesiphusile esizosiza ukulwa nezinsolo zokuqashana ngokwenzelela ebezikhona.
Nakuba kunjalo, inhlangano yothisha abangaqashiwe kulesi sifundazwe, i-KwaZulu-Natal United Unemployed Educators, isola isenzo somnyango njengemizamo yokuthalalisa ukugwema ingcindezi ekubhekenani nezikhalo zamalungu ayo, kufakwa kulolu uhlu ezinye izikhala esezivaliwe.
UMnuz Mfanelo Mncube wale nhlangano engxoxweni neSolezwe, uthe sebethole imibiko kumalungu wabo ngezikole ezingasenazo izikhala kodwa ezifakiwe kulolu hlu.
“Ngesikhathi kumenyezelwa lezi zikhalo, besinakho ukunganeliseki ngokuthi azenele zincane kodwa sibonga lokho. Emva kwemibiko ngezinsolo zokuthi kunezikhala ezigcwalisiwe kodwa ezisohlwini, sibonile ukuthi umnyango usaqhubeka nokudlala ngemizwa yethu,“ usho kanje.
Uthe banxuse amalungu abo ukuthi uma ehambele izikole asondelene nazo ezimenyezelwe njengezinezikhala zomsebenzi, aqinisekise kuthishomkhulu ukuthi zikhona ngempela yini ngaphambi kokufaka izicelo.
Isolezwe lizibonele incwadi eputshikile eqinisekisa ukuqokwa komunye wothisha esikoleni esiseMlaza i-Velabahleke Secondary, ofundisa i-Accounting ne-Economics eyayimyalela ukuthi aqale ukusebenza ngoJulayi 25, kulo nyaka. Yize kunjalo, lesi sikhala sikhona ohlwini lwezikhala ezikhangiswe wumnyango okuqinisa izinsolo zale nhlangano. Esinye isikole esivela kulolu hlu, iMayiyana High ngaphansi kukaMasipala uMzumbe okukleliswe kulo izikhala ezimbili zothisha abazofundisa u-grade 10 kuya kuya ku-grade 12 i-Maths Literacy ne-Mathametical Literacy, okuvele ukuthi lesi sikole sekunesikhathi savalwa ngenxa yesibalo esiphansi sabafundi, sahlanganiswa nesikole iNdlelenhle Secondary esisondelene naso.
UMncube uthe bazobhalela uHlomuka bemazise ngalezi zinsolo, kanti basaqhubeka nokuqoqa ubufakazi ukuze bebe nohlu oluphelele lezikole okuthiwe zinezikhala zingekho.
Ukhale ngokubiza kokulungiselela ukufaka isicelo somsebenzi, okwenza kungahlali kahle ukunxenxa abantu ukuthi bafake izicelo ezikhaleni ezivele zivaliwe. Nakuba kunjalo, uthe bakumisile ukuqhinqa emahhovisi omnyango eMgungundlovu kothisa abangaqashiwe abangamalungu ale nhlangano, njengoba sebabayalele ukuthi basebenzise leso sikhathi ukufaka izicelo zomsebenzi ezikhaleni ezimenyezelwe wumnyango. Kumenyezelwa lezi zikhala, uHlomuka ugqugquzele othisha abangasebenzi ukuthi bafake izicelo.