ANQUNYELWE ugwayi katiki amalungu eMK aphethe izikhundla eziningi.
Amalungu eMK anezikhundla kuhulumeni, nasenhlanganweni ayalelwe ukuba akhethe isikhundla esisodwa.
Encwadini ebhalwe ngumgqugquzeli weqembu osanda kuqokwa, uMnuz Joe Ndhlela, amalungu eMK akhunjuziwe ukuthi iqembu linomgomo othi abanezikhundla kuhulumeni, abavumelekile ukuphatha izikhundla eqenjini.
Kule ncwadi ebonwe yiSolezwe, uNdhlela uyalele labo abaphethe izikhundla ezimbili ukuba badedele esisodwa.
“Njengoba sisembhidlangweni wokukhulisa nokwakha kabusha inhlangano, ngithanda ukunazisa ukuthi umthethosisekelo weqembu ukubeka kucace ukuthi akekho umuntu ovumeleke ukuphatha izikhundla ezimbili ngesikhathi esisodwa.
“Ngiyazi ukuthi kungenzeka ukuthi abanye benu bebengaqondile okubi ngesikhathi bethatha izikhundla ezimbili. Kodwa-ke kubalulekile ukuthi silandele imigomo yeqembu. Zonke izinhlaka zeqembu kufanele zilandele imigomo ebekiwe.”
UNdhlela uthe ulindele ukuthi basule ngokuphazima kweso labo abancelisa amawele.
“Isigungu esiphezulu saphasisa lokhu okwashiwo umholi (uMnuz Jacob Zuma) kokuthi akekho umuntu ovumeleke ukuphatha izikhundla ezimbili. Lokhu kusho ukuthi lo myalelo usuwumgomo weqembu.
“Sinxusa bonke labo abaphethe izikhundla ezimbili noma ezingaphezulu kwalokho ukuba basule ngokuphazima kweso. Lokhu kuzosisiza ukuthi sikwazi ukuhlela kabusha izinhlaka zeqembu.”
Baningi abaholi beMK abazithola bephethe izikhundla ezimbili ngemva kokhetho lwangoMeyi, abanye babo babuye basula, abanye badilizwa.
Kubaholi abanezikhundla ezimbili kukhona iPhini likaMengameli, uDkt John Hlophe, ophinde abe umholi weqembu ePhalamende. Akucaci ukuthi ngabe naye uHlophe uzokwesula yini njengokomyalelo.
Okhulumela inhlangano, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uphinde abe yilungu lePhalamende. UNdhlela (Nhlamulo) usanda kumemezela ukuthi uzokwesula ePhalemende, azogxila emsebenzini wokukhulumela iqembu.
Abanye abaholi ababenezikhundla ezimbili ababuye basula noma badilizwa kubalwa owayengunobhala jikelele weqembu, uMnuz Sihle Ngubane, owasula emva kokuthi efungiswe njengelungu lePhalamende, kube amalungu esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Thobani Zuma, noDkt Kwazi Mbanjwa, abasanda kudilizwa ekuholeni inhlangano esifundazweni.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNdhlela (Nhlamulo) ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.