BACELE ukwakhelwa ibhuloho emva kokuminza kwengane emfuleni uMsunduzi, ihamba nonina ethwele kanzima.
URashma Rashidi (8) wasePeace Valley 2, uminze ngoLwesine ngesikhathi ehamba nonina, nengane yakwabo enezinyanga ezimbili.
Echaza ngesigameko unina kaRashma, uNksz Zahara Aruna, uthe ubekade ehambe nazo zombili izingane zakhe beyothenga okubalulekile edolobheni.
Uthe ngesikhathi sebebuya, ubebambe ngesandla uRashma, ebelethe udadewabo onezinyanga ezimbili emhlane, ethwele ekhanda abeyokuthenga edolobheni.
Uthe uhlole isimo samanzi, wabona kuphephile ukuthi angawela ngoba amanzi abebukeka engemaningi kangako.
“Buqamama nami, bekukhona omunye wesifazane obesehambe ibangana naye ewela kuwo umfula. Kukhona omunye wesilisa, obesilandela naye ewela, wuye lona wesilisa othe angilethe kuye uRashma, awele naye ayombeka ngaphesheya komfula ngoba ngibukeka ngithwele kanzima ukuthi ngingawela nezingane ezimbili ngedwa nomthwalo ekhanda,” kusho uNksz Aruna.
Uthe ubeqeda kumnika uRashma owesilisa ngesikhathi ephunyuka, maqede wahamba namanzi.
“Ngezwa esememeza uRashma ethi “mama” ngathi ngiyaphenduka ngabona ukuthi usethathwe ngamanzi. Ngazama ukumnqanda kodwa kwaba nzima ngoba ngiphethe kabi, ngithwele umthwalo ekhanda ngibelethe nengane emhlane,” kusho uNksz Aruna.
Uthe owesilisa uvele waqhubeka nendlela yakhe, wawela wayophumela ngaphesheya komvula, maqede wakhala amaphepha.
“Kwaze kwabuhlungu ukuhanjelwa yingane ngale ndlela. Siyacela kuhulumeni ukuthi asakhele ibhuloho elingcono ukuze siwele ngokuphepha,” kusho yena.
Uphinde wakhala nangokuthi selokhu imukile indodakazi yakhe bayazicingela bewumphakathi ngokusizwa yikhansela lendawo.
“Akukaze kube khona abatshuzi abaqhamukayo ukuzosicingisa. Kuthiwa bakhale ngokuthi umfula usagcwele kakhulu, ngeke bakwazi ukuzosibhekisa indodakazi yami. Sesibonga ikhansela lona elihlanganisa amalungu omphakathi ukuba asicingise,” kusho unina womukile.
Ikhansela lendawo, uMnuz Dumisani Phungula lithe bayaqhubeka nokufuna ingane.
“Selokhu kwaqala, siyazifunela. Izinhlambi zithe kuba nzima ukungena phakathi emanzini uma esenamandla kanje. Thina ngoba asiqeqeshelwe ukungena emanzini, sihamba onqenqemeni lwawo umfula sihambe sibheka,” kusho uPhungula.
Ephawula ngodaba lwebhuloho, uPhungula uthe lusemgqeni wezinhlelo zentuthuko ezididiyele (Integrated Development Planning - IDP).
“Leli bhuloho lalakhelwe ukuthi lihambe ochwepheshe boMngeni Water uma beya kwi-pump station yabo. Manje sinenkinga yokudliwa komhlaba kuleya ndawo, ngakho labo bantu sebesebenzisa lona leli bhuloho ukuyofuna izidingo, besuka ngaphesheya kulezi zindawo asebehlala kuzo. Ngaleso sizathu sokuthi sekukhona imiphakathi ehlalayo lapha, sisibonile isidingo sokuthi udaba lokulungiswa kwalo lube sezinhlelweni zethu, kwenzele ukuthi likulungele ukuhamba umphakathi,” kusho uPhungula.
Khonamanjalo, kusaqhubeka ukufunwa kowesilisa oneminyaka elinganiselwa ku-40 omuke emfuleni uMzimkhulu.Ikhansela lendawo, uMnuz Nhlanhla Dlamini lithe owesilisa,uminze ngoLwesibili.
“Namanje usafunwa. Izinhlambi zifikile zathi amanzi asemaningi kakhulu, zajika. Njengamanje ufunwa wumphakathi olokhu wehla wenyuka osebeni lomfula uzama ukumcinga,” kusho uDlamini.
Imizamo yokuzwa ukuphawula komndeni wowesilisa ibhuntshile, ucingo lwelungu lomndeni belukhaka lungaphendulwa.