ABASEBENZI basenyuvesi yezobuchwepheshe, i-Durban University of Technology (DUT), babe nombhikisho kuleli sonto bekhala ngezimo zokusebenza ezingezinhle nokudilizwa isigubhukane.
Lo mbhikisho uqale esikhungweni sakuyo le nyuvesi emgwaqweni uCentenary waze wayophelela esangweni lalesi sikhungo eSteve Biko.
Ezingqwembeni laba basebenzi abebeziphethe bekunembhalo ethi: i-DUT akusona isikhungo esihlala abantu abadala, ezinye zibhalwe ukuthi akume ukuphatha ngesandla sensimbi.
USihlalo woMkhandlu waseDUT, uMnuz Wiseman Madinane, ekhuluma nenyunyana i-Tertiary Education National Union South Afrika (Tenusa), uthe isibalo esiqinisekisiwe sokudilizwa kwabasebenzi sizoba ngu-43.
Ngokusho kwesitatimende se-Tenusa, ezinyangeni ezingu-12 ezandulela usuku lwesaziso sokuqala sokudilizwa, abasebenzi abawu-24 base bediliziwe ngenxa yezidingo zokusebenza zenyuvesi.
Siqhube sathi, ngemuva kokuthola i-email evela kuMadinane, inyuvesi ithumele omunye umqulu othi izikhundla ezingu-152 zizothikamezeka ngokudilizwa kwabasebenzi njengoba inyuvesi inabasebenzi abangu-1 545.
USihlalo we-Federation of Unions South Afrika, (Fedusa), uDkt Naresh Sentoo, uthe imibandela yokuqashwa ethinta imihlomulo yabo ichithiwe.
“Akukho esibuzwa khona futhi azibibikho izingxoxo mayelana nokushintshwa kwalezi zinzuzo, zivele zimiswe, yingakho sifuna ukuthi lokho kubhekisiswe,” kusho uDkt Sentoo.
Okhulumela inyunyana i-National Education, Health and Allied Workers Union South Afrika (Nehawu), esifundeni saseThekwini, uMnuz Prince Mthalane, uthe izinkinga zabo zihlanganisa izimo ezinzima abasebenzi ababhekene nazo.
“Kushintshwa imigomo yabasebenzi, bayadilizwa futhi abanelisekile ngendlela isikhungo esiphethwe ngayo yiPhini likaShansela noyinhloko uSolwazi Thandwa Mthembu. Ngicabanga ukuthi bekufanele ngabe kade ashenxa emsebenzini wakhe ngoba wehlulekile,” kusho uMthalane.
Khonamanjalo: Inyunyana iFedusa esitatimendeni sayo sithe, kade babexa nomkhandlu wase-DUT, kodwa ubaziba.
“Abaphathi base-DUT bavamise ukudelela izinqumo ze-CCMA ezivuna abasebenzi, badonsele amacala ezinkantolo eziphakeme. Banyathela phansi amalungelo abasebenzi, bashintsha izimo zokusebenza ngaphandle kokuxoxa ngokuhlanganyela.
“Usiko lokusatshiswa selixoshe odokotela nosolwazi abahlonishwa kakhulu e-DUT, kanti abasele nabo babamba bayayeka. Abasebenzi base-DUT badinga uhlelo olunzulu oluzobabuyisela esimweni esizokwenza ukuthi benze umsebenzi wabo endaweni enobulungiswa nevikelekile.”