BAKHOMBA ngenjumbane inyosi yesilo, uMnuz Buzetsheni Mdletshe, kugengcwa owesilisa kuphinde kusatshiswa inqwaba ngenganono ngasekupheleni kuka-Ephreli eGazini, KwaCeza.
Esigamekweni esenzeke ezinkambini zezinkomo zaseGazini, kugengcwe uMntwana Bhobho Zulu.
Kuthiwa uze waya esibhedlela ukuyothola usizo lwezempilo esandleni esagengceka ephephisa ikhanda kucelemba owawuzosho phezulu.
“Udokotela wathi kuthinteke nomthambo. Angazi noma isandla sizophinde sikwazi yini ukusebenza,” kusho uZulu.
Elandisa Isolezwe olwazi ukusuka nokuhlala udaba, uMntwana uNgcebo Zulu, uthe izinto zaqala ukonakala ngesikhathi kusungulwa umkhandlu okuthiwa Usuthu/Egazini Tribal Authority.
Uthe kwaqala sengathi umyalelo ophuma esilweni esesakhothama futhi kuzosizakala abantu.
“Uthe usuqala usebenza umkhandlu kwashintsha izinto, kwadliwa umhlaba wabantu baseGazini,” kusho uZulu.
Uqhube wathi indawo edliwayo yinkambi okudla kuyo izinkomo zabantu baseGazini.
Uthe bavele babone sekubekwe umuntu maqede ibiyelwe indawo edliwe. Uthe yonke imizi ebekiwe eyakwaMdletshe futhi eyabantu abasondelene nenyosi.
“Bebelokhu beyinciphisa inkambi ngokuthi bahlehlise ucingo,” kuqhuba uZulu.
Udalule ukuthi kwaphinde kwabekwa izinduna eziyisithupha ezigodini ezivele zinezinduna, isigodi ngasinye saba nezinduna ezimbili, eyomkhandlu wakwaNdebele neyasoSuthu.
Uthe bayisukumele lento bezama imizamo yokubika esilweni kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
“Kwaze kwathintwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,” kusho yena.
Uthe okwavela emva kokuthinta kwabo umnyango, isigcizelelo sokuthi umkhandlu osemthethweni ngoholwa inkosi yakwaNdebele, kwanqanyulwa nemiholo yezinduna eziyisithupha zasoSuthu athi zabekwa nguMdletshe phezu kwezakwaNdebele.
“Esigamekweni sakamuva amalungu omphakathi wakwaNdebele adinwe agana unwabu ayodiliza izigxobo nocingo olususwe endaweni yalo lunciphisa inkambi. Yilapho-ke okuqhamuke khona ebebehlome ngezibhamu badubula,” kusho uZulu.
Uqhube wathi iningi labaleka kwathi umgilwa owagengcwa wabuza ukuthi benzani belimaza abantu.
Uthe abaphendulanga kodwa wahlaselwa ababili, omunye esho ukumqeda ngocelemba, omunye eshaya ngesando.
“Sinovalo lokuthi kuzogcina kufa abantu ngale nto,” kusho uZulu.
INkosi yakwaNdebele, uMnuz Sibusiso Ndebele, iluqinisekisile udaba, yathi lonke udweshu olukhona luphehlwa nguMdletshe.
“Ngokusho kwakhe, indawo iphethwe emikhandlwini emibili. Yilokho-ke okudala udweshu. Okubi ukuthi usebenzisa ukuba seduze nesilo nokuthenjwa yiso ukwenza noma yini,” kusho uNdebele.
Uqhube wathi ufisa kungenelele izinhlaka ezifanele ukuze kuxazululeke udaba.
“Ngifisa nokuthi ake athathwe ahlaliswe phansi, achaze ukuthi lokhu akwenzayo ukwenzelani,” kusho Ndebele.
Ethintwa uMdletshe, uthe ucela ukungaphawuli lutho ngoba akazi ukuthi ungena kanjani ekulinyazweni kwabantu.
“Ngangingekho nokubakhona ngesikhathi okwenzeka ngaso isigameko. Engikwaziyo ukuthi leyo ndawo inomuzi kamfowethu,” kusho uMdletshe.
Uthe akazi ukuthi kuqondwe ukuthini uma kuthiwa uhamba phambili ekudliweni komhlaba.
“Ayikho into engizoyiphawula, kwabona labo bantu angibazi, abakaze bakhulume nami,“ kusho uMdletshe.
Okhulumela uMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe bayalwazi udaba.
“Sesibe nemihlangano eminingi nenkosi nenyosi uMdletshe nabantwana basendlunkulu ukuzama ukulungisa udaba. Kule mihlangano kucaca ukuthi umkhandlu wasoSuthu nowakwaNdebele yimikhandlu emibili ehlukene futhi imingcele yalezi zizwe yehlukene, ayigibelene ndawo,” kusho uMngadi.
Uqhube wathi akulindelekile ukuthi umkhandlu wasoSuthu kuthiwe ubeka izinduna noma usika iziza kwaNdebele, KwaCeza.
“Kucacile futhi ukuthi ukubekwa kwenyosi KwaCeza kwakuwukuthi ibheke umgede osuthathwa njengesigodlo, hhayi ukuthi iyinduna yesigodi noma iso lesilo ezizweni esiphethwe yinkosi yakwaNdebele,” kusho uMngadi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaCeza abophe abesilisa ababili abaneminyaka engu-23 no-55 ngecala lokuhlasela ngenhloso yokulimaza.
“Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini ngo-Ephreli 30, icala lahlehliselwa uMay 6.”