KUKHALWA ngezigidi zamarandi ezisetshenziswe uNgqongqoshe wezokuVikela, uNkk Angie Motshekga, ehambela amazwe ahlukene ekubeni amasosha ajutshwe eDemocratic Republic of Congo (DRC) efele ngaphansi kwezimo ezimbi.
I-ActionSA ithe kuyashaqisa ukuthi uNkk Motshekga usebenzise imali engaphezu kuka-R10 million ezinyangeni ezine ekubeni kunezinsolo zokuthi amasosha ashonele eDRC aphelelwe yizinhlamvu ngesikhathi etholene neqembu lamavukela-mbuso, i-M23.
Kushone amasosha akuleli ayisishiyagalolunye, kwalimala angu-15, ngesikhathi etholene ne-M23.
USotswebhu we-ActionSA ePhalamende, uNkk Lerato Ngobeni, uthe kuyabaxaka ukuthi uNkk Motshekga usebenzise imali engaka ekubeni kunemibiko yokuthi amasosha akuleli ashoda ngezinsiza eDRC.
UNkk Ngobeni uthe impendulo kaNkk Motshekga yasePhalamende iveza ukuthi usebenzise u-R10.4 million ehambela amazwe ahlukene ezinyangeni ezine.
“Kule mali kukhona u-R4 million kukhokhelwa amabhanoyi ngesikhathi ehambele amazwe angaphandle, u-R2.1 million wokuqasha izimoto kanye nenye imali ayisebenzise ehambela izindawo ezahlukene lapha eNingizimu Afrika.
“Akwamukelekile ukuthi amasosha ethu athunyelwa empini enganazo izinsiza ezanele, ngapha ungqongqoshe uhamba etetemuka. Imindeni eyisishiyagalolunye isemanzini njengoba sikhuluma kuyimanje.”
UNkk Ngobeni uthe bafuna kubuyiswe amasosha asele eDRC kuphinde kumiswe ukujutshwa kwamasosha kwezinye izindawo.
Isimo sishubile eDRC njengoba i-M23 isanda kukhipha umyalelo wokuba amasosha aseDRC nawakuleli atshalwe kuleliya zwe ukuba abeke izikhali edolobheni iGoma.
I-M23 ithe isilidlile leli dolobha.
Maningi amaqembu aseyalelele ukuba kubuyiswe ngokushesha amasosha akuleli ajutshwe eDRC.
Kula maqembu kubalwa i-MK, EFF ne-DA. I-DA ifuna ukuba uNkk Motshekga achaze ePhalamende ngokuqhubeka eDRC.
UNkk Motshekga ubehambele amasosha ajutshwe eDRC, ngeledlule.
Okhulumela umbutho wezokuVikela wakuleli, uMnuz Simphiwe Dlamini, uthe uNkk Motshekga uzoqala azise uMengameli Cyril Ramaphosa, ngakubonile ohambweni lakhe.
UDlamini uthe ngokwazi kwabo, amasosha ajutshwe eDRC aphephile.
“Ngikhulumile nomunye wokhomanda washo ukuthi basenkanjini yabo, wathi baphephile.”