UNASREDDINE Nabi, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, ubona umqansa ngokuqeda kwezakhe endaweni yesithathu kwi-log yeBetway Premiership njengoba ziqhubeka nokulahla amaphuzu.
UNabi ubekhuluma ngemuva kokuba iChiefs iphinde yadedela amaphuzu idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-TS Galaxy kowePremiership ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
IChiefs ibanjwa yiGalaxy nje, ibibuya esibhaxwini semidlalo emibili ilandelana. Emidlalweni emihlanu yakamuva inqobe owodwa, yashaywa kabili, yadlala ngokulingana kabili.
“Iqiniso wukuthi sekuzoba nzima kakhulu manje ukuthi siqede endaweni yesithathu kwi-log ngoba silahla amaphuzu okungafanele ngabe siyawalahla. Kodwa sizothatha umdlalo ngamunye, sibone ukuthi siqeda kuphi,” usho kanje uNabi ebuzwa ngamathuba ezakhe okuqeda isizini endaweni yesithathu kwi-log.
Ukuqeda endaweni yesithathu kwi-log yePremiership kuyisango lokuyodlala emqhudelwaneni iCaf Confederation Cup.
Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili kwi-log, asalelwe yimidlalo eyisithupha asonge isizini ka-2024/2025 yePremiership nokugwema ihlazo langesizini edlule lokwehluleka kwawo ukuqeda kwiTop 8.
UNabi uzwakalise ukukhathazeka ngokulahla amathuba kwezakhe kulo mdlalo, okungumdlalo akholwa wukuthi bekufanele bawunqobe ngendlela abebewulawula ngayo, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala.
“Ngicabanga ukuthi abadlali bami bakwenze konke ukuze siwunqobe lo mdlalo kodwa kwala kona, saphinde saba namaphutha. Ngibona sengathi sibhekene neshwa lokunganqobi. Kodwa sizoqhubeka silwe kuze kulunge futhi nayo inhlanhla izogcina ibuyile," kusho yena.
Ukulahla amaphuzu kwaleli qembu laseNaturena kuqongisa ingcindezi kulo mqeqeshi waseTunisia osephelelwa ngamagama okuchaza ngemuva kwemidlalo.
Ngaphandle kokulwela ukugcina indawo kwiTop 8, Amakhosi asenethuba lokuthoba izinhliziyo zabalandeli njengoba esekhona emqhudelwaneni weNedbank Cup.
Azodlala neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-6.30 ntambama.