BAFISELE uNdunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, unwele olude ehlanganisa iminyaka engu-95.
Izolo uShenge ubegubha usuku lokuzalwa kwakhe.
Lolu suku lumfice esesibhedlela, lapho aqhubeka khona nokwelashwa.
Izilokotho eziqhamuka emikhakheni eyahlukene bezingena zilandelana.
Phakathi kwabafisele uButhelezi usuku oluhle lokuzalwa, kubalwa ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Esitatimendeni, ihhovisi likaNkk Dube-Ncube lincome uButhelezi ngokusebenzela isizwe iminyaka ebalelwa ku-75.
“Ubasebenzele abantu baseNingizimu Afrika, ephethe izikhundla ezahlukene. Ungumthombo wolwazi futhi ungomunye wabaholi abahlonishwayo kuleli. Kukhulu akwenzele isizwe samaZulu esebenza engundunankulu wesizwe.
“Isipho esisifisela uShenge kulolu suku olukhulu empilweni yakhe wukuthi aphile, ukuze ezokwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe nabangani bakhe. Siyaqhubeka nokumbeka emikhulekweni. Sifisa ukuthi alulame ngokushesha.”
I-IFP KwaZulu-Natal ithe kukhulu ekufunde kuButhelezi, ongumsunguli wayo.
IPhini likaSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, inkosi Ntandoyenkosi Shabalala, lithe usuku lwayizolo lusho lukhulu kubona.
“Asigcini nje lapha ngokujabulela ukuthi usehlanganise iminyaka eminingi kangaka kodwa nje sigubha ukuba nomholi onikele ngempilo yakhe, elwela abanye abantu.
Ukugubha lolu suku kusikhumbuza ukuthi kuyisibusiso ukuba khona kukaButhelezi njengoba sithola ulwazi oluningi ebuhlakanini bakhe.
“Sithanda ukudlulisa ukubonga ukuthi uButhelezi uhlezi esicathulisa. Simfisela okuhle kodwa ngosuku lwakhe lokuzalwa.”
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo, unxuse abamabandla ukuba baqhubeke nokubeka uButhelezi emthandazweni.
“Besinethemba lokuthi lolu suku luzomfica esesekhaya, akwazi ukujabula nomndeni wakhe. Kodwa-ke siyakuqonda ukuthi odokotela basamelapha uButhelezi. Sithanda ukuncoma abezempilo ngokunakekela uButhelezi.
“Nathi sithanda ukujoyina bonke abafisela uButhelezi usuku oluhle lokuzalwa. Osukwini lwanamhlanje sikanye nomndeni ogubha usuku lokuzalwa komuntu ongubaba, umkhulu kwabanye.”
Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe kuyisibusiso ukuthi uButhelezi aficwe yilesi sikhathi esadla anhlamvana.
“Sithanda ukuhalalisela uButhelezi ngokuthi ahlanganise iminyaka engu-95 esaphila. Siyabonga ukuthi usebenzele izwe lethu ngokuzinikela.
Sifisa ukuthi welulame ngokushesha, khona uzokwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakho. Unwele olude kuMntwana waKwaPhindangene.”
UButhelezi sekuphele inyanga angeniswa esibhedlela.
Ngesonto eledlule umndeni wakhe uveze ukuthi ululama kahle, wathi kulindelekele ukuthi adedelwe kulo leli sonto.