BEBEWUHLALISE lubhojozi umphakathi waseMlaza futhi benonya abesilisa ababibili ababoshelwe icala lokudubula babulale iphoyisa okuvele ukuthi belilungiselela ukulobola ngoJanuwari.
Iphoyisa, uSergeant Nkululeko Kenneth Mbambo (48), lihlaselwe labulawa ngabesilisa ebebehlomile esigamekweni esenzeka kwa-N, eMlaza, emgwaqweni uMabhunu Sabela ngoDisemba 31.
Ngemuva kwalokho kube sekuboshwa u-Asanda Msomi (20) noSthembiso Gumede (22) ebebevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nomndeni ukuthi umufi ubezolobola ekupheleni kwephezulu.
"Okubuhlungu kakhulu ukuthi uMbambo ubulawa nje ubesemalungiselelweni okuthi alobole ekupheleni kwenyanga,'' usho kanjena.
UMsomi noGumede kuvela ukuthi babulala uMbambo begqekeza emzini wakhe.
Kuvela ukuthi ngalolu suku ebusuku, omunye wodadewabo bakamufi wabona isithunzi sowesilisa emnyango owayephethe isibhamu wase azisa umufi ukuthi kukhona akubonayo ngaphandle.
Kuthiwa umufi wathatha isibhamu kanti ngaleso sikhathi abasolwa bazokhahlela kuqala isicabha sangemuva bangene ngaphakathi endlini base bemdubula amahlandla amaningi emzimbeni wonke. Kuthiwa uMbambo washonela khona lapho endlini.
Kuhlaluka ukuthi abasolwa babaleka nomakhalekhukhwini kamufi, isibhamu sakhe kanjalo nethelevishini eyayibukwa endlini.
UMshushisi uLungelo Mkhithi ucele iMantshi uLungelo Kheswa ukuba lihlehliswe icala ukuze abasolwa bacele ibheyili kanyekanye.
Imantshi ikuvumile lokho yabe seyihlehlisa icala ukuthi libuyele enkantolo ngoJanuwari 15.
Bafike enkantolo beboshwe izinyawo ngamakentanga. Bebebonakala bethukile kakhulu. Bebelokhu beqhwebana kukhona abakukhulumayo behleba.
Umsolwa wokuqala, uMsomi, ubefake isikibha esibomvu esinezimbobo eziningi nebhulukwe elimnyama elifishane nalo ebelinezimbobo. Ubenamanxeba amaningi engalweni yangakwesobunxele. Ubelokhu eyibuka ingalo yakhe abuye ayithinte.
UGumede ubefake ijakhethi emnyama nayo ebinezimbobo. Okuqaphelekile ngaye ukuthi ubethuke kakhulu, amehlo akhe ebomvu futhi egcwele izinyembezi. Bobabili bebehlezi besondelene kakhulu.
Isolezwe lithole ukuthi basolwa ngokuthi bebewuhlalise lubhojozi umphakathi waseMlaza.
Kuthiwa bebegqekeza ezindlini beba izimoto, amathelevishini, ama-laptop nokunye okuningi. Kubatshazwa unya kubona njengoba kuthiwa bebebashaya kanzima abantu ababaficayo ezindlini uma begqekeza.
Kuvela ukuthi ngesikhathi behlasela emzini kaMbambo babebane njengoba vele beyiqembu “lemigulukudu labafana abancane abane” abaziwayo. Kuthiwa umphakathi uhlale ubabaza unya lwezingane ezibizwa ngokuthi ama-2k (okusho ukuthi zizalwe ngemuva konyaka u-2000.
Laba abanye ababili kuvela ukuthi namanje basagcwele amathafa. Kuthiwa ingaphezulu kwengu-20 imizi abayihlaselile bayigqekeza ezigcemeni ezahlukene eMlaza.