AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aziphosela inselelo izinsolo ezibekwe nguyise womsakazi woKhozi FM, uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela, ngokuziphatha kwawo.
Abazali balo msakazi, uNkk Thembeni noMnuz Zenzeleni Biyela, babonakale kwi-video ezinkundleni zokuxhumana lapho uBiyela enabe kabanzi ngamaphoyisa athi athatha uhlangothi.
UBiyela ulimise ngesihloko elokuthi amaphoyisa abonakala echemile ezinganeni zakhe, wezwakalisa ukuthi uma kuyizo ezisephutheni, ingalo yomthetho iyaqina kodwa uma kuyizo ezoniwe, ayathalalisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kuleli lokuthi amaphoyisa athatha uhlangothi, umuntu ofafaza lezo zinsolo akeze ngaphmbili nohlu lwamacala awabikile emaphoyiseni kodwa athalalisa.
Ugcizelele ukuthi uphenyo lwamaphoyisa alunamibandela.
“Noma ngubani ongeneme ngokusebenza kwamaphoyisa unelungelo lokufaka isikhalazo ngokusemthethweni ezinhlakeni ezifanele, ezibekelwe lokho,” kusho uNetshiunda.
Uthe umkhankaso wokudicilela phansi isithunzi samphoyisa ezinkundleni zokuxhumana ngeke uphumelele. Ubuye wengeza ngokuthi ngeke belokhu bephendula imibono yabantu ngoba wonke umuntu unelungelo lokusho noma yini ayithandayo.
Kwi-video kaBiyela, cishe eyimizuzu eyishumi, uthe: “Ngibuhlungu kakhulu ngoba bonke laba bantwana (uVika, uZimiphi noBoniboni oboshiwe njengamanje) baboshwe emva kwezigameko eziningi esezibehlele amaphoyisa engenzi lutho
Awabophi muntu, akukho muntu enkantolo kunalokho kuboshwa bona,’’ usho kanje.
Uthe akaqondile khona ukubavikela abantwana bakhe kodwa afuna ukukubona yiqiniso emaphoyiseni.
Ukhulume ngezehlakalo ezehlukene lapho athe izingane zakhe zihlaselwe abathile kodwa akaboni amaphoyisa enza okuthize ngalokho.
Kwesokuqala ubalule ukuthi uBoniboni ubhekene necala lokubulala umuntu owadutshulwa ngesikhathi bedubulana nabathile ababebahlasela.
Kulesi sigameko uthe ngesikhathi oBoniboni behlaselwa badubula bephindisela kubahlaseli kwafa umuntu okunguye agcine eboshelwa icala lokumbulala.
Umbuzo kaBiyela uthi ngoba bayawuhosha umoya wokuthi abahlaseli yilaba bolunye uhlangothi olulwa nabo (abakwaBiyela) kungani amaphoyisa ejezisa uBoniboni yedwa.
“Angisho ukuthi akufanele baboshwe kodwa ngithi uma kuthiwa bekuliwa, akumele yini ngabe kuyabhekwa nhlangothi zonke ukuthi ubulale nje bekwenzekeni,’’ usho kanje.
Kwesesibili athe esokudutshulwa kukaVika kuN2 eyongena eSikhawini esuka kwakhe eMthunzini, nakhona unombuzo wokuthi amaphoyisa azithatha nini izinyathelo ngabathinteka kuleso sehlakalo athe abasolwa bakhona bayawezwa amagama abo.
Kulesi sigameko kukhona owesilisa amgagule ngegama athe ukhombisa ukuba yisitha sabo. Waveza ukuthi bathola ukuthi imoto yakhe yabonakala kuN2 lapho okwadutshulwa khona uVika.
“Phezu kokuba enamacala okubulala awenzayo emndenini wakwaBiyela (lona wesilisa), amaphoyisa awakaze ambophe kunalokho amfukamele,’’ echaza.
Ukhale nangephoyisa (nalo aligagule ngegama) wathi njalo likhombisa ukubacindezela.
Uveze ukuthi noma ngabe lisuke lingekho endaweni yesigameko kodwa liqhamuka selibhala izitatimende ezicindezela izingane zakhe.