UNONTANDAKUBUKWA weTheku, uTha Simelane uthi into ubuyele ukuzoshkumia kwezokungceleka ngoba ubona sekubanda kakhulu ngaphandle kwakhe.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe Ngempelasonto, uthe abantu abalindele lukhulu kuyena njengoba bese sibabulele isizungu.
Uveze ukuthi uzobonakala kuZalo olukhonjiswa kuSabc 1 ngo 8.30 khona maduze nje.
“Abantu bazothokoza ukuzwa ukuthi ngisazoqhubeka nokulingisa indawo kaJafta kulo mdlalo.
“ Nginemali, ngingumphathi wendawo yokucwala izinwele, ngizophinde ngithenge iSonto engizoliguqula ngilenze indawo yobumnandi,” kulandisa uTha obezwakala ukuthi uyaphuphuma yinjabulo ngendawo abamnike yona.
UTha uthe bazolokhu bemethula kancane kancane kulo mdlalo, bazobe sebeyabona ukuthi nabantu bamemukela kanjani.
Uthe abantu bamlambele kwezokungcebeleka njengoba kade enyamalele isikhathi eside. Udalule ukuthi ubuya ngezinkani emsebenzini wokuphatha imicimbi njengoba kuthulekile nje ngaphandle kwakhe.
“Nani niyabona ukuthi akwenzeki lutho futhi nemicimbi iyabhora uma ngingekho,” kuchaza uTha ophinde abe yiPhini likaThishanhloko kwesinye sezikole.
Ebuzwa mayelana nesizini yesibili kaMamkhize, uthe akathandi ukuphawula ngayo kakhulu kwabezindaba ngoba bakhona ababekelwe lokho.
“Engingakusho ukuthi iyeza isizini yesibili futhi ngizokube ngingomunye wabaphambili kuyona,” kubeka uTha ngamafuphi.