IYAKHALA inhlangano iBlack Sash, ngezinkinga ezisabhekene nohlelo lokushintshwa kwamakhadi akwaSassa, ashintshelwe emakhadini amasha asePostbank.
Le nhlangano ithe njengoba engasasebenzi amakhadi amadala ayigolide akwaSassa, ayilindele ukuthi kubekhona ongeke ayithole imali yakhe ngenyanga ezayo.
Esitatimendeni kwi-website yayo, ithe kumele kubhukulwe ekushintshweni kwamakhadi ikakhulu njengoba amadala engasasebenzi.
"Kunokukhathazeka ngokuthi ngabe amaPosi azoba nayo yini imali eyenele uma abantu abangawashintshanga amakhadi sebethutheleka kuwona beyohola ngenyanga ezayo? Akufakwe imali ethe xaxa emaPosini ukuze abantu bangabuyi belambatha ngezinsuku zokuhola."
Ithe nalabo asebekwazile ukushintshela emakhadini amnyama amasha, akumele babe nezinkinga uma sekumele bakhiphe imali yabo.
Le nhlangano ithe iyakwamukela ukuthi kunohlelo lokuvakashelwa emakhaya kwalabo abangakwazi ukuhamba ukuze bashintshelwe amakhadi.
"Sifuna kuqiniswe umkhankaso kubantu bazi ukuthi yiziphi izindlela okumele bathole ngazo imali yabo kulabo abangakawashintshi amakhadi. Kumele baqinisekiswe ukuthi imali yabo bazoqhubeka bayithole noma bengakashintshi," kusho iBlack Sash.
Ikomiti loMnyango wezeNhlalakahle ePhalamende, linxuse abangakashintshi ukuthi baqhubeke bashintshe amakhadi ukuze bathole amasha.
Usihlalo wekomiti uNksz Bridget Masango, uthe noma engasasebenzi amakhadi amadala kodwa zikhona ezinye izinhlelo zokuthola isibonelelo.
Uthe iPostbank iveze ukuthi izoshintsha amakhadi kuze kube uJuni 30, 2025.
"Abangashintshile bazokwazi ukuthola imali yabo emaPosini. Siyazi ukuthi kuzoba nolayini abade emaPosini kodwa sinxusa abantu babekezele," usho kanje.
I-Sassa ithe awasasebenzi amakhadi amadala ngakho abantu bangazami ukuwasebenzisa.
Ithe abangashintshile bazoqhubeka nokuthola imali yabo uma sekufike izinsuku zokuhola ngenyanga ezayo.
"Sifuna ukwazisa abazohola emaPosini ukuthi kuzohola abangawashintshile amakhadi abo. Labo asebenamakhadi amasha asePostbank kumele bawasebenzise kuma-ATM noma ezitolo ukuthola imali yabo," kusho iSassa.
Ithe umnqamulajuqu wokushintshwa kwamakhadi wawungoFebhuwari 2025, kodwa wahlehliselwa uMashi 20.
Amakhadi amasha ashintshwa kwezinye zalezi zitolo okungoCheckers, Shoprite, Pick n Pay, Usave naseBoxer.
Abafuna ukuthola izikhungo eziseduzane zokushintsha amakhadi bangashayela ku:*120*355#, baqhubeke ngokucindezela u-1.