IGCINE uphendulekile umbuzo obulokhu uqhamuka uma kukhonjiswa uhlelo Uthando Nesithembu, wokuthi kwenzekani phakathi kukaMusa Mseleku nodadewabo oyedwa azalwa naye uNompumelelo.
UNompumelelo wagcina ukubonakala kwisizini okwakushada kuyo uMseleku noMaKhumalo.
Kodwa ngemuva kwaleyo sizini yena nendodana yakhe abase begqame kulolu hlelo ababange besabonakala.
Indodana yakhe yase ifana nendodana kaMseleku, njengoba yayijwayele ukubonakala yenza izinto ezehlukene ezithinta igceke noMpumelelo noLwandle okungamadodana kaMseleku.
Kwathi uma bengasabonakali ababukeli balolu hlelo babezibuza ukuthi bashonaphi.
Nakulolu hlelo akekho obebuza ngaye noma ochazayo ukuthi yini eyadala ukuthi bangabe besashutha nabo.
Esiqeshini sakamuva uMseleku uphumele obala ngokuthi yena nodadewabo abasabhekani.
Ukuveze lokhu ekhuluma nenye yamadodakazi akhe uSne.
Ubenxusa uSne ukuthi ahambe nabakhongi ukuze kube nguye owembathisa unkosikazi wakhe wesihlanu abeyoqedela kuye ilobolo uSamke Khwela.
“Sne uyazi ukuthi komama bakho akekho okwamanje ongahamba ayongimela afike angimbathisele yena. Ngicela kuhambe wena nabakhongi ufike umbathise uMaKhelwa. Umsebenzi lona okungabe uyokwenziwa udadewethu okungu-Anti wakho kodwa uyazi ukuthi kwenzekani,” kuchaza uMseleku.
Yize uSne ezamile ukumvimba ngesikhathi bekhuluma engafuni ukuthi aveze ukuthi kwenzekani, kodwa eseyedwa uMseleku uvezile ukuthi udadewabo wamsola ngokumthakatha.
“Uma abantu beya kwabahlolayo, bazobatshela ukuthi abaphumeleli nje yingoba ekhaya lo ophumelele kukhona into ayenza kuwe ukuze wena ungaphumeleli. Nakimi kwenzeka lokho udadewethu wahamba bamtshela ukuthi akaphumeleli ngenxa yami, izinto zakhe zivalwe yimina ngoba ngifuna kuphumelele mina kuphela.” kuchaza uMseleku.
Lokhu kushiye ababukeli balolu hlelo bemangele kodwa kwabanye kwaphenduleka imibuzo abebenayo isikhathi eside.