ZISALE ziqhatha usizi izinkulungwane zabasebenzi bakomasipala ezingazange zihole.
Abasebenzi bakomasipala abayisithupha ezifundazweni ezine basale bencela izithupha ngenxa yokubambezeleka kwemiholo yabo.
Omasipala abangazange baholele abasebenzi bakhale ngokushoda kwemali, bathi balinde imali ezofakwa uMnyango wezeziMali.
KwaZulu-Natal usizi belubhalwe emehlweni kubasebenzi bakuMasipala uMzinyathi okhungethwe izinkinga njengoba abasebenzi bakhona betshelwe ukuthi bazoholelwa uma sekungene imali eqhamuka eMnyangweni wezeziMali.
Isolezwe libone isaziso esibhalwe imenenja yomkhandlu, uNkk Ntombenhle Mkhwanazi, esibikela abasebenzi ngokubambezeleka kwemiholo.
Kulesi saziso uNkk Mkhwanazi uthe abakwazanga ukuholela abasebenzi ngesikhathi ngenxa yokuthi uMnyango wezeziMali uphuzile ukufaka isabelo sesigaba sesithathu sonyakamali.
"Sitshelwe ukuthi uMnyango wezeziMali uzoyifaka kulo leli sonto imali, alukho usuku oluqondile olubekiwe. Uma sesiyitholile imali sizokwenza isiqiniseko sokuthi bonke abasebenzi bathola imiholo yabo ngokuphazima kweso."
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela umkhandlu, uNkk Thandeka Ngobese, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni futhi engazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.
UMasipala uMzinyathi ukhungethwe izinkinga okubalwa kuzo inkinga yamanzi kanye nokuthola imibiko emibi yoMcwaningi-mabhuku.
Muva nje lo masipala uthole umbiko omubi ngendlela engachazeki obizwa ngokuthi i-adverse.
I-IFP isanda kuxosha iMeya yomkhandlu, uMfu Petros Ngubane.
Inyunyana yabasebenzi bomasipala, iSamwu, ithe akubona bodwa abasebenzi bakuMasipala waseMzinyathi abagileke igoda, izolo.
UNobhala weSamwu, uMnuz Dumisane Magagula, uthe abasebenzi bakomasipala ababili abasesifundazweni iNorthern Cape, okunguMasipala waseThembelihle nowaseKeis, abazange bahole.
UMagagula uthe eFree State abasebenzi bomasipala ababili, owaseMafube nowaseKopanong, abazange bahole, nabakuMasipala waseMamusa, eNorth West, nabo abazange bahole.
UMagagula uthe sekuyinsakavukela ukungaholelwa ngesikhathi kwabasebenzi bomasipala, wathi kwezinye izindawo abasebenzi baholelwa kanye emva kwezinyanga ezintathu.
Uthe abanye omasipala babamba imali yempesheni neyama-medical aid emiholweni yabasebenzi kodwa bangayidluliseli lapho kufanele iye khona.
"Lokhu ukuntshontsha nje."
UMagagula uthe akufanele kugxekwe omasipala kuphela ngale nkinga, wathi noMnyango wezeZimali nawo kufanele uzinuke amakhwapha.
Uthe omasipala, ikakhulu labo basemakhaya, bathola izabelo ezingenele eMnyangweni wezeZimali.
"Ngeke sikuphike ukuthi kunenkinga yokungaphathwa kahle kwemali kodwa sifuna ukuthi ibhekisiswe indlela okwabelwa ngayo omasipala imali."