AKAKUTHOLI ukuphumula kubalandeli bakaSweet Guluva, uSomizi Mhlongo njengoba belokhu bemkhumbuze njalo ngokunqoba kwakhe iBig Brother Mzansi ngeSonto.
USweet Guluva, odabuka eNquthu, uhlabane ngoR2 million kulandela ukuthola amavoti amaningi ohlelweni obelukhonjiswa kuMzansi Magic.
Ngesikhathi kukhankaselwa amavoti, abathandi bakhe bebelokhu benxenxa nosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bamvotele. Kungaleso sikhathi lapho uSomizi enze khona i-vidiyo ethi akamazi nokumazi ngoba akayibuki iBig Brother.
"Niyasidina ngokuphawula futhi nimosha amathuba akhe ngoba seniyasidina. Eqinisweni niyasidina," kusho uSomizi.
Uthe bamumi emphinjeni abantu ngokulokhu bephawula ezinkundleni zokuxhumana uma kukhona akufakayo. Njengoba esenqobile namanje abakaze baphele moya ngoba basalokhu bephawule njalo.
Kunoma yini ayifakayo kwi-Instagram abantu basalokhu bephawule ngoSweet Guluva.
"Sisabungaza uGuluva," kusho u-aaziya.x_xx kwi-Instagram.
UNombu ushaye ngamafuphi wathi uSweet Guluva unqobile. UMotso_110 uthe Halala kuSweet Guluva.
KwiFacebook ekhasini lomcimbi wokuntweza ngomkhumbi i-MSC ngoFebhuwari wonyaka ozayo, ohlelwa yiTravel Bella, uSomizi okufoloswa ngaye, nakhona abantu banikele beyophawula ngoSweet Guluva.
"Khipha umuntu omtala ufake isithombe sikaSweet Guluva uzobona kuzoqashwa ngokugcwele njengekhonsathi kaChris Brown. Kuzoshesha njengonyazi," kusho uHap Mase.
ULiniece Nthabiseng Mashiyane uthe abezi kulandela inkulumo ngoSomizi.
"Sifuna ukuza kodwa osingethe akahloniphi, ukhuluma kabi ngamaciko asakhula futhi ufuna ukuwavalela. Uma nimshintsha nakanjani sizoza sisuka eNingizimu Afrika."