LIMCHAZE njengomuntu onesihluku nononya uSiphamandla Khumalo, iJaji uJacqueline Henriques, ngesikhathi limgweba udilikajele eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
UKhumalo (34) waKwaNongoma, ulahlwe yicala lokugwaza, anqume ngesihluku unina wengane (5) yakhe uNksz Nomfundo Msibi (30), naye ongowokuzalwa KwaNongoma, esigamekweni esenzeka enxanxatheleni yezitolo, iGateway, eMhlanga, ngo-Agasti nyakenye.
UNkk Henriques, emgweba udilikajele uKhumalo uthe awukho umusa uKhumalo awukhombisa kumufi, ngakho naye awukho umusa azomkhombisa wona.
Ubalule nokuthi uKhumalo akakaze akhombise ukuzisola ngecala, wathi lokhu ukubone kusukela liqala ukuqulwa.
Uthe akukho lapho uKhumalo abekhombisa khona ebusweni ukuthi uyazisola ngakwenza, kunalokho ubelokhu ezimoyizelela njalo uma kuhleli icala.
“Ngisho nangosuku owadlalelwa ngalo okwaqoshwa amakhamera aseGateway, ngesikhathi umatasa ugwaza umufi uphindelela, awuzange ukhombise nakancane umuzwa wokuzisola. Nangesikhathi usunikwa ithuba lokuthi uzinxusele ngokuxegiselwa isigwebo, ubulokhu umoyizela, uhlafuna okuthile, uphinde uzilungisele ijakhethi yakho,” kusho uNkk Henriques.
Ugcizelele eyokuthi uKhumalo wayekuhlelile ukubulala umufi njengoba wayehlomile, wamyenga nge-lay-by ebe engayiphethe imali yokuyikhipha nokumgwaza kwakhe amanxeba angu-22, ukuqinisekisa ukuthi akadabuli.
Ugxeke neyoxolo alucele emndenini kamufi, lapho athe ucela umxolele ngakwenza njengoba elindele ukuthi uma ephuma ejele kube khona ukuxhumana phakathi kwakhe nawo njengoba kukhona ingane.
“Lokhu akukhona ukuxolisa futhi akukhona ukuzisola. Kuyisenzo nje sokuzicabangela wena,” kusho uNkk Henriques.
Umalume kamufi, uMnuz Prince Dlamini, obekhona enkantolo, uthe bagculisekile ngesigwebo, wathi yize singeke sisambuyisa umshana wakhe, kodwa siyawuthoba umndeni amanxeba.
“Ngiyethemba ukuthi nogogo kamufi, owaqala ukuba buthakathaka emva kwesigameko, uzothobeka inhliziyo,” kusho uDlamini.
Nokho uthe kubaphathe kabi ukumoyizela kukaKhumalo nokuthi akhethe ukuthi aze ayongena ekhulukuthu engagonyulukile ngesizathu esizwakalayo esaholela ekutheni abulale umufi.
“Besinethemba lokuthi uzogeqa amagula, achaze ukuthi wambulalelani ukuze nathi sichazele izingane zikamufi uma sezikhulile ukuthi wambulalelani unina,” kusho uDlamini, othe ngalesi senzo, nabo bambona njengomuntu ongazisoli.
Udalule ukuthi ubudlelwane bukaKhumalo nomufi beminyaka eyisishiyagalolunye, babungenampilo.
“Ubengumuntu wezigemegeme, ehlala emshaya, amklinye aze avuvukale nentamo. Besilokhu simtshela ukuthi akamyeke lo muntu, athi usemyekile, sithi siyezwa, sebebuyelene,” kusho uDlamini, othe emva kokumbulala, babonile ukuthi bebebuyelana ngoba ubemsabisa.
Uqhube wathi uthando lwabo belungafunwa nawumndeni ngoba ubehlale ebuya emshayile.
“Okubuhlungu ukuthi uthe esethatha isinqumo sokuhlukana naye ngempela, edlulela phambili ngothando, wavele wambulala ngempela,” kusho uDlamini.
Ummeli kaKhumalo, uMnuz Phumelele Daniso, uzwakalise ukuthi bahlela ukuthi sibuyekezwe isigwebo.