ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal sithole uchatha ngenxa yokusebenzisa kahle imali. IKwaZulu-Natal inikezwe imali ephucwe ezinye izifundazwe ezehlulekile ukuyisebenzisa ngesikhathi.
Lezi zindaba zidalulwe uMphathiswa wezeziMali esifundazweni, uMnuz Francios Rodgers, ngesikhathi ethula isabelomali.
URodgers wethule isabelomali sesifundazwe esingu-R158 billion esiShayamthetho, izolo.
Ngaphambi kokuba ethule isabelomali, uRodgers wemukele uhlu lwezikhalazo lwamalungu eNehawu afuna ukuthi iKhabhinethi lisichithe isiphakamiso sikaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, sokuba kwenyuse intela ngo-0.5%.
URodgers uthe iKwaZulu-Natal inikezwe uchatha ka-R100 million, lena imali ethathwe ezifundazweni iGauteng, Western Cape, neFree State.
"Khona umuntu engimuzwe ethi u-R100 million mncane, kodwa iqiniso ukuthi iningi kabi le mali."
UMnyango wezeMfundo iwona othole isabelo esikhulu njengoba unikezwe u-R66 billion, kwathi uMnyango wezeMpilo wona wabelwa u-R56 billion.
IHhovisi likaNdunankulu labelwe u-R817 million.
URogder uthe uhulumeni wesifundazwe uyaqhubeka nemizamo yokonga imali.
Uthe uhulumeni wesifundazwe umise ukuqashelwa kwabasebenzi bakahulumeni izimoto, wathi iminyango kahulumeni izothenga izimoto ukunokuba kusetshenziswe izimoto eziqashiwe.
"Ngesikhathi uhulumeni wokubambisana ophethe isifundazwe ungena emandleni, kwakubikwa ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzosebenzisa ngokweqile isabelomali ngo-R10 billion. Ngenxa yokuqiniswa kwemigomo yokuphathwa kwemali, manje uhulumeni wesifundazwe ubheke ukuthi usebenzise ngokweqile isabelomali ngo-R4.9 billion."
URodgers uthe umnyango wakhe uzokwethula uhlelo oluzolandelwa iminyango kahulumeni ukuqapha ukusebenza kwezimali kanye nokukhokhelwa kwezikweletu.
"Lokhu kuzosiza ukuthi abaholi bekwazi ukuqapha ukusebenza kwezimali eminyangweni abayiphethe."
Ebuzwa ukuthi iNdlunkulu kaZulu yabelwe imali engakanani, uRodgers uthe lokhu kuzodalulwa uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli.
UNtuli naye unqabile ukudalula ukuthi iNdlunkulu kaZulu izokwabelwa malini, ugcine ngokuthi uhulumeni uzame okusemandleni wawo.
Usihlalo wekomiti lezeziMali esiShayamthetho, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe kumjabulisile ukubona kwenyuka izabelo ezitholwa iminyango eyehlukene.
"Kuthe ukwehla kancane ukunciphiswa kwezabelo, lokhu kukhombisa ukuthi uhulumeni uyazama."
UDlungwane uthe uchatha otholwe uMnyango wezeMfundo kanye nowezokuHlaliswa kwaBantu, uzoyelekelela kakhulu leminyango ukuba ihambise izidingo kubantu.
USotswebhu we-MK esiShayamthetho, uMnuz Mervyn Dirks, uthe ayikho imali eyabelwe izinhlelo zokuthuthukiswa komnotho.
"IKwaZulu-Natal inezindawo eziningi zasemakhaya kodwa uma ubuka incane kakhulu imali eyabelwe ezolimo. Kulesi sabelo u-1.7% kuphela owabelwe ezolimo. Lesi sabelo sincane, angeke siwukhulise umnotho. Lokhu kusho ukuthi awekho amathuba emisebenzi azodaleka."