ESIKHATHINI esiningi kuyaye kuthiwe abadlali abasebancane kufanele bazehlise, bangakhombisi imizwa ngisho begxekwa, kodwa lokhu kubukeka kungeyona into umdlali osemncane weBarcelona neSpain, uLamine Yamal, akholelwa kuyona.
Yize esaneminyaka engu-17 kuphela ubudala, uLamal usephenduke isithenjwa eqenjini laseCatalonia, kanjalo nakwelesizwe ngenxa yokukhanda aphinde ashaye amagoli amqoka.
Lo mdlali owaphekwa enkulisa yeBarca, iLa Masia, waqopha umlando ngesikhathi edlalela iqembu elikhulu okokuqala eneminyaka engu-15 ngasekupheleni kwesizini ka-2022/23.
Ngesikhathi kwenzeka lokho akekho owayelindele ukuthi ngesizini elandelayo uzobe eseqala imidlalo eneminyaka engu-16, nokuthi uzodlala indima enkulu ekusizeni iqembu lesizwe linqobe isicoco se-European Championship ngo-2024, aqokwe njengomdlali osemncane ovelele.
Muva nje uziphendulele kwinkakha yaseNetherlands, uRafael van der Vaart, ebikade ikhulume ngaye ngaphambi komdlalo we-UEFA Nations League phakathi kweSpain neNetherlands.
Ngemuva komlenze wokuqala owaphela la maqembu ebambene ngo 2-2 emasontweni amabili edlule, uVan der Vaart wathi ukhathazekile ngoLamal, ebala ukutebhisa kwakhe isikhindi nokuzithela ngabandayo.
Emlenzeni wesibili ngesonto eledlule uYamal ushaye ingcwenga yegoli ngesikhathi la mazwe ebambana ngo 3-3, wahluleka sekukhahlelwa amaphenathi, kodwa iSpain yagcina idlulele kowandulela owamanqamu ngo 5-4.
ULamal ube esefaka izithombe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana, okubalwa kuzona ezakhe nesinye esinobuso bukaVan der Vaart. Beziphelezelwa umbhalo othi, ‘ibhulukwe ezansi, igoli, iphenathi eshwetshiwe, iSpain kowandulela owamanqamu”.
Ubengaqali ukuziphendulela kwabangabaza amagalelo akhe njengba enza kumdlali weFrance, u-Adrien Rabiot, nengwazi yaseGermany, uJens Lehmann, kuma-Euro nyakenye.
Izinto esezenziwe nguYamal ziyamangaza, ikakhulukazi uma eqhathaniswa nenye inkakha yeBarca ethathwa njengomunye wabadlali abavelele emhlabeni, uLionel Messi, owayecathuliswa eqenjini ngesikhathi eneminyaka engu-17.
UYamal uselithwele iqembu, ebambisene nabadlali abafana noRaphinha noRobert Lewandowski, njengoba lisasembangweni wesicoco seligi yaseSpain, iLa Liga, iCopa del Rey kanjalo ne-UEFA Champions League.
IBarcelona iqhwakele kwiLa Liga ngamaphuzu angu-63 emidalweni engu-28. Izishiya ngamaphuzu amathathu izimbangi zayo ezinkulu, iReal Madrid, kanti i-Atletico Madrid isisele ngamaphuzu ayisikhombisa.
La maqembu aseMadrid angalinciphisa igebe namuhla njengoba i-Atletico izodudulana ne-Espanyol ngo-5.15pm, iReal itholane phezulu neLeganes ngo-10pm.
IBarca ingaphinde isilungise isimo kusasa uma isibhekene neGirona ngo-4.15pm. Nakuwona lo mdlalo, neminye ebucayi esazolandela kule sizini, amehlo azobe ethe njo kuLamal, osakhombise isibindi selokhu aqala ukudlala ezingeni eliphezulu.