UMDIDIYELI wamabutho kaZulu uMnuz Sipho Mhlongo usenxuse ibutho eliseGoli ukuthi limfune lize limthole uMax Makhanya osenesikhathi eside egxibha indlunkulu kanjalo neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Uthe udaba lukaMakhanya selunesikhathi futhi alubaphethe kahle.
"Asithokozile ngenkulumo eyenziwa uMax Makhanya ezinkundleni zokuxhumana yokungahloniphi isizwe sikaZulu nendlunkulu."
Uthebaxhumane nondunankulu wesizwe sakwaMakhanya uMnuz Mbongeni Makhanya lapho uMax ephuma khona, ukuthi asondezwe ukuze ayalwe ukuba aqoqe ulimi lwakhe. Bathe benze ngale ndlela ukuhlonipha isizwe sakwaMakhanya kungabi wukuthi babakhomba ngenjumbane.
Kuthiwa uMax akatholakalanga ekhaya kubo futhi nalapho okwaziwa ukuthi uhlala khona eMayville nakhona kubukwa ukuthi kudala anyamalala.
Kuzwakele ukuthi uzinze eGoli futhi ubuholi bebutho obuseGoli sebubikeliwe ukuthi alumsondeze kukhulunywe naye eduze.
Kuthiwa ziningi izinkulumo zikaMax ezingamanyala futhi ibutho selizimisele ukubhekana naye futhi liyazi ukuthi uMax akazenzeli yena yedwa kodwa bakhona abambelethile.
UMhlongo uqwashise ubukhosi bakwaMakhanya buphumele obala ngokuthi bayakweseka na lokhu okwenziwa uMax noma cha ngoba sesiside isikhathi uMax eqhuba intwala ngewisa.