ISABISE ngombhikisho uma uMnyango weMfundo eyisiSekelo uziba izikhalazo zayo inyunyana yothisha iSadtu.
Le nyunyana igcwale imigwaqo yasePitoli, izolo, yalibhekisa emahhovisi oMnyango wezeMfundo, nakuMgcinimafa ukuyozwakalisa izikhalazo ngokuncishiswa kwesabelomali sezeMfundo.
OwezeMfundo unikwe izinsuku ezingu-21 ukuthi uphendule uhlu lwezikhalazo zeSadtu ngendlela egculisayo, uma kungenjalo kuyoqhuma nhlamvana.
Izikhalazo zeSadtu zifaka ukungakhokhelwa ngesikhathi imali ephucula amaholo othisha minyaka yonke, ukungalungiswa kwezikole, ukugqoza kwengqalasizinda ezikoleni, ubugebengu ezikoleni okufaka ukungaphephi kothisha nezinye.
UNobhala Jikelele weSadtu, uDkt Mugwena Maluleke, uthe ukuncishiswa kwesabelomali, kulimaza ezemfundo kuleli.
Uthe lokhu kwenza inqwaba yothisha isule ezikhundleni, kusale ingcosana.
"Othisha babhekene nomthwalo omkhulu, wokufundisa amakilasi agcwele. Ukushoda kothisha kwenza ukuthi abanye bathwale ijoka lokufundisa inqwaba yabafundi, bese bengabaniki isikhathi esenele abafundi."
Uthe ingqalasizinda ezikoleni ayigculisi kuleli.
"Abafundi nothisha bahlala ezikoleni ezingekho esimweni. Abafundi abamnyama bayaqhubeka nokuntula, kuthi abadla izambane likapondo, izikole zabo zinazo zonke izinsiza, okubalwa nama-swimming pool," kusho uMaluleke.
UMaluleke uveze ukuthi izwe alikwazi ukulahlekelwa othisha abanamava.
"Asikwazi ukudedela othisha abanamava ngenxa yokuthi kudingeka kufakwe abancane. Abagcinwe othisha baze bathathe umhlalaphansi."
Ihlale iyinkinga eyokungaqashwa kothisha ezikoleni kanjalo nokugcwala kakhulu kwamakilasi.
KwaZulu-Natal, le nyunyana ihlale ilwa nomnyango ngenxa yokungafakwa ngesikhathi kwemali yezikole, eyaziwa ngama-norms and standards ngenxa yokungeneli kwemali.
Lokhu kwenza othishanhloko bagcine sebekweleta osonkontileka ngenxa yokuthi umnyango usuke ungakhokhile.
Kwawona umnyango uyahluleka ukukhokhela ngesikhathi osonkontileka ngenxa yokuthi imali isuke ingekho.
Umnyango wesifundazwe usuze wayalelwa ukuthi ungazenzi izinhlelo ezintsha ngenxa yemali.
Uhlu lwezikhalazo emashini yeSadtu lwamukelwe nguDkt Granville Whittle, othembise ukuphendula zingakapheli izinsuku eziwu-21.
Ngesikhathi uMaluleke etshela abebesemashini ukuthi uNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, akekho, kube nenhlokomo kumalungu eSadtu.
Kuzokhumbuleka ukuthi abubuhle ubudlelwano phakathi kukaNksz Gwabure neSadtu.
Okunye uMaluleke athe abajiki kukhona, ngukuthi bafuna uqale usebenze ngokushesha umthetho wezikole iBela, owasusa umsindo emaqenjini ahlukene okubalwa ne-DA.