SEKUQUBUKE imvunge ngabane abalaliswe uyaca ngamaphoyisa ezimpambanweni zemigwaqo uDuffs noDumusani Makhaye KwaMashu, ngoLwesine.
Kulesi sigameko kufe uMnuz Nathi Biyela (40) nesihlobo sakhe uMnuz Nicolas Biyela (41), Mnuz Sanele Ntuli (25) nesihlobo sakhe uMnuz Nhlakanipho Ntuli (31).
Umthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa, uveze ukuthi uNicolas ubewusihlalo wekomiti le-ward, aphinde abe wusihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) ehostela KwaMashu.
Uveze ukuthi uNathi ubewunobhala wesiyingi uMbelebeleni, kwiNorth Central, eqenjini i-IFP, kuthi uNhlakanipho abe yiphini likasihlalo eflethini elaziwa ngokuthi iseZimangweni ehostela, bese kuthi uSanele abe yinduna yakhona eZimangweni.
Umthombo utshele Isolezwe ukuthi ukubulawa kwabafi akuhlangene nobugebengu kodwa kumayelana nephrojekthi yokwakhiwa kwamaflethi esesigabeni sokuqalwa kuleli hostela.
“UNathi, Nico noSanele badutshulwa nje, babuya emhlanganweni wokugcotshwa ngokusemthethweni ekomitini labangu-11 abaqokelwe ukubheka ukuqhubeka ngendlela efanele kwephrojekthi,” kusho umthombo.
Uthe uNhlakanipho ufele into angayazi njengoba yena okumbeke endaweni yesigameko ukuthi ubebahambise emhlanganweni ngemoto yakhe, waphinde wabalanda sebeqedile, kanti sebezohlangabezana nabakwasidlodlo.
Umthombo uqhube wathi leli komiti elifaka phakathi amalungu avela ezigcemeni ezintathu zehostela (eMbelebeleni, Sulabasha neKhabazela), likhethwe emva kokuthi ikhansela lendawo liqoke abantu abangaziwa ukuba bazokwakha izilephu zamaflethi azokwakhiwa.
Umthombo uthe ukufika kwalaba bantu abangaziwa kwelanywe imihlangano embalwa lapho obekuqondiswa khona lokhu, kwagcina kuzaleka ikomiti ebelifaka phakathi nabafi.
“Asiyikholwa eyokuthi babulawe ngoba bekukhona amacala ebebefunelwa wona. Bebehlala ezinhlakeni zomphakathi. Abanye babo bebehlala emihlanganweni ye-CPF phakathi esiteshini samaphoyisa KwaMashu. Uma bebefunelwa ubugebengu obuthile, kungani bebengaboshwa uma bebebambe leyo mihlangano yomphakathi?” kubuza umthombo.
Omunye umthombo uthe kuyabamangaza ukuthi kwangalo usuku lwesigameko, amaphoyisa awazange ababophe ehholo lomphakathi eDuffs Road, lapho ebebegcotshwa khona, akhetha ukubayeka, aze ayobadubulela ezimpambanweni zomgwaqo, sebegoduka.
“Sifuna amaphoyisa achaze ukuthi kwenzakaleni. Asigculisekile ngokubulawa kwabo. Sifuna izimpendulo ukuze kuvele ukuthi ikhansela lisebenzise maphi amandla, ukuthi kwenzeke kanje,” kusho umthombo.
Lithintwa ikhansela, uMnuz Sandile Gwala, lithe kalazi ukuthi umsebenzi wamaphoyisa uyishiya kanjani imibuzo ngoba asuke eselwenze aluqeda uphenyo lwawo.
UGwala uthe uyamangala nokuthi lingena kanjani igama lakhe emsebenzini wamaphoyisa.
Uvumile ukuthi unalo ulwazi lwephrojekthi okufanele iqhubeke ehostela, wase eveza ukuthi yena ngokolwazi lwakhe njengomholi we-ward, alukho uhlaka lwe-CPF nolwekomiti lendawo ngenxa yenkinga yabaxhaphaza izinhlaka ezibalulekile zasehostela.
“Laba bantu okhuluma ngabo bake bahlukumeza usonkontileka owayezolungisa kabusha inkundla yezemidlalo ngo-2023. Bezibiza nge-business forum, bafuna ngodli imali yokuvikela engu-R500 000. Lokhu kufakazela ukuthi kuyiqiniso okushiwo amaphoyisa uma ethi bebefuna imali yokuvikela,” kusho uGwala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza esitatimendeni asithumelele abezindaba emva kwesigameko, uthe abafi bebesolwa ngamacala okuphanga, ukubulala nokufuna imali yokuvikela kosomabhizinisi.
Isitatimende siqhuba sithi bavulele ngenhlamvu ngesikhathi bebona amaphoyisa, nawo abuyisela ngayo, bafa bobane, batholwa nezibhamu ezintathu. Umthombo uveze ukuthi ababili babo bebenezibhamu ezisemthethweni, owesithathu esafake isicelo sokuba naso ngokusemthethweni.