INDODANA yomsunguli weqembu i-IFP, Inkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, ikhuze uqhekeko kule nhlangano eyasungulwa eminyakeni engu-50 eyedlule.
Inkosi Zuzifa (indodana yeNkosi Mangosuthu Buthelezi) idonse ngendlebe abaholi beqembu ukuba bangavumi ukulawulwa umhobholo wezikhundla.
Ikusho lokhu ngesikhathi ikhuluma emcimbini weminyaka engu-50 kwasungulwa i-IFP.
Umcimbi ubusenkundleni, iPrince Mangosuthu Stadium, oLundi, izolo. I-IFP izokuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi kulo nyaka.
Lena kuzoba ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-IFP yokuqala kusukela kwakhothama umsunguli weqembu, uShenge.
Kukhona asebeqalile ukukhuluma ngombango wezikhundla. Inkosi Zuzifa ixwayise ngokuthi umbango wezikhundla ungaqumba phansi iqembu.
"Asiqaphele singaqhathwa abantu. Baningi osibhincamakhasana abahamba bekhuluma, bethi ubani akazwani nobani. Asiyiyeke indaba yamaqembuqembu."
Inkosi Zuzifa ithe i-IFP akulula ukuba ishabalale ngoba yakhelwe esisekelweni esiqinile, kodwa ingawa uma abaholi bengalibala umbango wezikhundla.
"Izinto ezingabulala iqembu umhobholo, abaholi abangondlovukayiphikiswa, nabaholi abathanda izikhundla, okuyisifo esihlasele onke amaqembu."
Inkosi Zuzifa ithe lumfikisela ngomunyu usuku lwayizolo njengoba lungamficanga umsunguli weqembu owakhothama ngasekuphelni kuka-2023.
"Kuyintokozo nomunyu ukuba semkhosini onjengalona. Kuyintokozo ngoba sibona ingane ezalwe eminyakeni engu-50. Ibe nezinselelo, yakhula yaze yaba ngaka. Ukunibona kusithoba amanxeba, kusinika amandla okuba siqhubeke lapho kugcine khona abebengaphambi kwethu."
IPhini likaMengameli we-IFP, Inkosi Mzamo Buthelezi, licele kuShenge ukuba abe ingilosi enhle eqenjini, angavumeli ukuba kube noqhekeko.
"Egameni lakho Shenge ngikhulekela ukuba sibumbane. Isitha sithule siyabuka, silinde ithuba lokugadla. Uma singabhekile, isitha sizosiqumba phansi. Shenge ungavumi ukuba abalobizela izikhundla babulale iqembu lakho. Uma sonke siyithanda i-IFP, asibumbane."
Inkosi Mzamo ithe ifisa kufezeke iphupho likaShenge lokuba i-IFP ibuyisane ne-ANC.
"Uma i-IFP ne-ANC bengabuyisani ngeke liye phambili izwe. Nginxusa abaholi bamaqembu omabili ukuba bahlangane, ukuze kuphole amanxeba adaleka kudala."