AKHATHAZEKILE amaKhomanisi ngokuqonga kwesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane njengoba ikhale nangokuthi amacala okudlwengula kuleli, aphezulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe.
Le nhlangano ithe kushayisa amahloni ukungaphenywa ngendlela, ukuphathwa budedengu kwamacala okudlwengula kanjalo nokudedelwa kwabasuke behlukumeze abesifazane.
"Iyakhathaza eyokwanda kwesihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane kuleli. Ukuhamba kancane kophenyo, ukungaphathwa ngendlela kwamacala athinta ukuhlukunyezwa kwenza lesi sihlava siqhubeke kunokuthi sinciphe. Kuyihlazo ukuthi kudedelwe noMfundisi Timothy Omotoso, owahlukumeza abesifazane abahlukene, kwabulawa nofakazi obalulekile ecaleni abebhekene nalo," kusho i-SACP.
Le nhlangano ifuna i-DA ikhishwe kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu kwi-GNU ukuze kungene amaqembu anombono wokuyisa izwe phambili.
Le nhlangano ithe i-DA yiqembu labamhlophe elingabakhathalele abantu abamnyama njengoba yayifuna izinto ezizobuyisela izwe emuva okwathi uma lihluleka ukuzithola lanquma ukuvota lichithe isabelomali ePhalamende ngeledlule.
I-DA ichithe isabelomali ikhala ngokuthi sizonyusa intela efakwa uma kuthengwa impahla kuleli, i-VAT.
UNobhala Jikelele we-SACP uMnuz Solly Mapaila, uthe akukho okuzolunga kwi-GNU uma kusekhona i-DA.
"Ayikhishwe i-DA kuhulumeni we-GNU ukuze kungene amanye amaqembu anombono wokuyisa izwe phambili. Asihabimbisani nokunyuswa kwe-VAT kodwa futhi asiyifuni i-DA kwi-GNU," kusho uMapaila.
I-DA iye enkantolo enkulu emva kokuphasiswa kwesabelomali, ifuna kumiswe ukunyuswa kwe-VAT ngo-0.5% kusuka ngenyanga ezayo.
Uthe uhulumeni kumele athole ezinye izindlela zokuthola imali yokukhokhela izidingo kungaze kunyuswe i-VAT.
"Ukunyusa i-VAT kuzoshaya abahlwempu ngenxa yokuthi kumele bakhokhe intela ethe xaxa uma bethenga impahla. Yingakho ezinsukwini ezingu-30, kumele kutholakale ezinye izindlela zokuthi le mali izoqhamukaphi kunokuthi kunyuswe i-VAT."
UMapaila ugcizelele nokuthi abajiki njengoba behlale besho ukuthi bangenela ukhetho ngokuzimela, hhayi bebambisene ne-ANC njengoba bekuhlale kwenzeka.
Uveze ukuthi zikhona izingxoxo eziqhubekayo ne-ANC mayelana nalesi sinqumo sokungenela ukhetho.
"Noma zikhona lezi zingxoxo kodwa siyaqhubeka nokungenela ukhetho. Lezi zingxoxo akuzona ezokusivimba ukuthi singalungeneli ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo," kusho uMapaila, ekhuluma esithangamini ngemuva komhlangano wekomiti lale nhlangano eGoli izolo.
Le nhlangano inxenxe amalungu ayo ukuthi azilungiselele ukuthi bayozimela okhethweni.
Uthe bayayeseka eyomshwalense wezempilo kuleli i-NHI.
"Siyameseka uhulumeni ngokuthi aye enkantolo ayovikela indaba ye-NHI. Lo mshwalense wezempilo uzosiza abantu bakithi abadonsa kanzima," kusho i-SACP.
I-SACP igxeke isenzo sikahulumeni sokumema uMengameli wase-Ukraine, uMnuz Volodymyr Zelenskyy, owakhacwa ngumengameli waseMelika uMnuz Donald Trump.
"Liphelile ihlandla lakhe njengomengameli wase-Ukraine ngakho asikho isidingo sokuthi amenywe kuleli. Uphinde adansele isigingci samazwe ahambisana neMelika, kanti ukuza kwakhe kuleli kungasibeka endaweni embi kwezithinta impi," kusho i-SACP.