KUBOSHWE abokufika abayisishiyagalombili nenqwaba yamabhethri emibhoshongo okudonsa khona amaselula enani likaR1 million.
Abasolwa babekwe amacala okuphazamisa ukusebenza kwengqalasizinda emqoka, ukutholakala nokwamukela impahla okusolakala ukuthi yebiwe namathuluzi okugqekeza.
Kuthiwa amaphoyisa abekade ephenya ngezigameko ezintathu zokugqekezwa kwemibhoshongo yamaselula esifundeni iKing Cetshwayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe kuboshwe abasolwa abane ngoLwesine eGingindlovu.
UNetshiunda uthe uphenyo lwamaphoyisa luwaholele ndawana thize eChatsworth, eThekwini, kwaboshwa abanye abasolwa abane.
“Laba basolwa babanjwe oqotsheni besapakisha lawa mabhethri emibhoshongo. Lapha kutholakale amabhethri awu-40 ezinkampani zamaselula ezintathu okusolakala ukuthi ebiwe, angabiza uR1 million,” kusho uNetshiunda.
Abasolwa abavela ezweni elingumakhelwane, abaneminyaka ephakathi kuka-35 no-49, kulindeleke bavele enkantolo maduze.
Abane bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMthunzini, abanye kweyaseChatsworth.