UCWANINGO lwakamuva lwenkampani esiza abacwile ezikweletini, luveza ukuthi abantu sebekhokha isikweletu ngesinye isikweletu.
Izolo iDebt Buster, esiza abanezikweletu, ithe ekoteni yokugcina yonyaka odlule u-46% wabantu ubuvele ngekhanda ezikweletini.
Labo abacwile kakhulu bahola u-R35 000 kuya phezulu njengoba bekhokhela izindlu, izimoto, ama-credit card nezinye izikweletu.
UMnuz Banay Sagers, oyisikhulu esiphezulu seDebt Busters, uthe bathola ukuthi abacwile ezikweletini bafike bahole bese beboleka enye imali yokuthenga igilosa.
Uthe lokhu kudalwa yimali mboleko enyuka umlibe, wukubiza kwezinga lokuphila kanjalo nenkinga yokunqamuka kukagesi.
“Into esiyitholile wukuthi imali mboleko iyayinciphisa imali yamaholo njengoba ingxenye eningi ikhokhela izindlu nezinye izikweletu. Wonke umuntu osebenzayo ngisho nabahola uR5 000 sithola ukuthi bathi behola nje babe bethatha ezinye izikweletu zokuqhuba inyanga,” kusho uSagers.
Uthe isibalo sabantu abafuna usizo lwezikweletu siwu-46% kanti esabafuna usizo lokukhishwa ezikweletini online siwu-54%.
Njengoba uFebhuwari uyinyanga yokuqwashisa ngezikweletu, uthe indikimba yabo ithi Financial Sustainability.
“Sibona sanda isibalo sabantu abafuna usizo lokuphuma ezikweletini online. Abaningi sithole ukuthi bacela usizo ngenxa yemali mboleko esiphezulu kakhulu.U-95% wabafake isicelo sokusizwa ngezikweletu sithole ukuthi une-personal loan. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu baboleka imali ukuze baqhubeke nempilo,” kusho uSager.
Uthe abahola uR35 000 basebenzisa u-71% womholo wabo ukukhokhela zikweletu.
Ubalule ukuthi ngaphandle kokukhokhela imizi, izimoto nezikweletu zabo eziseceleni babuye banakelele imindeni yabo abahlala nayo endlini namanye amalungu omndeni ahlala kwezinye izifundazwe.
USager uthe akusilo iqiniso ukuthi ukungena ngaphansi kohlelo lokusizwa ngezikweletu kumphuca amandla umthengi kodwa kuyamsiza ngokukhokhela izikweletu. Ubalule ukuthi akakwazi ukwenza isikweletu esisha uma esengaphansi kwalo kodwa uyasizakala ngoba ayikho impahla yakhe emlahlekelayo.