NJENGOBA kuqala unyaka, abantu bamatasa nezindlela ezintsha zokuphila ezizobenza babukeke kangcono. Abanye bafuna ukwehlisa isisindo kanti abanye bafuna ukubukeka bebasha yize iminyaka isihambile.
Isikhulu esiphezulu senkampani egxile kwezempilo, i-Affirnity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithi ukudla kahle kunomthelela ekutheni umuntu angasheshi ubukeke egugile.
Uthe indlela umuntu aphila ngayo iyona engamenza abukeke emusha yize esemdala.
Ugqugquzele abantu ukuthi badle ukudla okunomsoco abale kukho imifino, izithelo nenyama engenawo amafutha.
“Kubalulekile ukuthi abantu bangagcini nje ngokugcoba izimonyo ezibizayo ngoba bezitshela ukuthi zizobalekelela ngokuthi isikhumba sabo singasheshi ukushwabana. Kufanele badle ukudla okunomsoco imifino, izithelo, inhlanzi nenye inyama engenawo amafutha. Bahlukane noshukela ngoba yiwona osheshe ukhathaze isikhumba. Kufanele baphuze amanzi nezinye iziphuzo ezingenawo ushukela,” kusho uHewlett.
Ugqugquzele abantu ukuthi bagcobe okuzobavikela elangeni, benze isiqiniseko sokuthi bayazivocavoca futhi balale ngokwanele.
Ukulala ngokwanele uthe wukulala amahora ayisikhombisa kuya kwayisishiyagalolunye. Lokhu uthe kusiza umzimba ukuze uzelaphe wakhe nama-cells amasha.
Udokotela wengqondo, uNkk Ashira Moonsamy oqashwe yizibhedlela ezingaphansi kweNetcare, uthe abantu kufanele bagweme ukhwantalala.
Lokhu uthe bangakwenza ngokuzakhela uhlelo lwezinto ezibalulekile abafuna ukuzenza njalo uma kuqala unyaka.
Uthe kubalulekile ukuphila kahle, usondele kubantu abanomthelela omuhle empilweni yakho, ulale, uzivocavoce udle ukudla okunomsoco.
Ucele abantu ukuthi bafunde ukunqaba lokho abangahambisani nakho ukuze bahlale bejabule bangasheshi ukuguga ngoba ukuzikhathaza yikona okuholela ekutheni abantu bakhathale maphakathi nonyaka.
Ubagqugquzele ukuthi bacele usizo uma bezizwa bethwele kanzima noma besindwa.