UFUNA kuyekwe ukubukela phansi abasebenzi basezindlini owesifazane osizwe yilo msebenzi ukuze aqedele iziqu zakhe zePsychology.
UNkk Zola Ngidi osenebhinizinisi lokuhlanza izindlu nokuqeqesha abenza lo msebenzi, iZemumc Domestic Workers Academy, uthe namanje usazibambela ekusebenzeni emizini yabantu. Inhloso yokuzibambela ukuqeda umqondo wokuthi lona umsebenzi wabathize abangafundile.
“Ngayeka umsebenzi wokuba yiTrust Officer eGoli ngo-2015 Disemba kwadingeka ngibheke engizokwenza. Ngakhumbula ukuthi ukuhlanza izindlu yikona engikuthanda kakhulu, kungenza nganeliseke. Ngaxoxa nabangani abahlala ngabodwana ngicela ukubahlanzela izindlu, ngagcina ngithola nabanemizi emikhulu nabo bangiqasha. Bengifuna imali yokuqedela izifundo zami zePsychology ngagcina ngisizwe yiwona umsebenzi wokuhlanza,” echaza.
UNkk Ngidi uthe ngesikhathi enza ucwaningo ngalo msebenzi uthole ukuthi kwamanye amazwe aphesheya uhlonishwa njengeminye imisebenzi.
Ocwaningweni uthole nokuthi abaqashi abaneme ngabasebenzi basezindlini yingakho bebaxosha njalo.
Ubone isidingo sokuqeqesha abasebenzi basezindlini ngoba uthe abanye basuke befuna umsebenzi kuphela bengakwazi ukuhlanza izindlu.
Ulinganise ngaye athe akajwayele ukushintshashintsha abasebenzi bakhe ngoba uyabatshela ukuthi ufuna basebenze kanjani.
Uthe abaqashi ababakhombisi umsebenzi abasebenzi kodwa bese beyakhononda uma bengawenzi kahle.
Kuleli bhizinisi lokuqeqesha uNkk Ngidi uzogxila ekufundiseni ukuphatha imizi nokuzikalela kahle isikhathi sokusebenza.
Uthe abasebenzi basezindlini abaningi bayahluleka ukuzikalela isikhathi, kuphele usuku bengaqedanga.
“Umsebenzi wokuhlanza izindlu wondle imindeni wafundisa ngisho izingane zagogoda kodwa siwubukela phansi. Uma umuntu egqoke inyumfomu yalo msebenzi abanye bambona njengesigqila okumele sixhashazwe,” kusho yena.
UNkk Ngidi ufuna nokukhuthaza abaqeda * -matric ukuthi bangahlali emakhaya kodwa basebenze ezindlini ukuze baqoqe imali yokufunda njengaye.
Uveze ukuthi yena wayeswele ngisho imali yokukhokha ukuze kuphume iziqu zakhe, wasizwa yiwona umsebenzi wokuhlanza endlini.
Lo msebenzi uwenza namadodana akhe athe namanje usazibambela kuwo. Uveza ukuthi abanye bayathuka uma efika ezibambela ngoba sekwaba nomqondo wokuthi ngowabathize abahluphekile.
Uthe uzoqala ngoJanuwari amakilasi okuqeqesha eGoli bese edlulela eThekwini naseSwazini njengoba kukhona asebenzisana naye khona.
UNkk Ngidi uthweswe iziqu zePsychology e-Unisa ngo-2016 kanti kumanje wenza iHonours Degree.
“Ngisho ngingaba namajazi amangaki ngizoqhubeka ngenze umsebenzi wokuhlaza izindlu,” ehleka.