SESIFIKILE isikhathi sokuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, athathe izinqumo ezinzima ngenqwaba yabadlali abamqoka eqenjini laseNaturena, abaphelelwa yizinkontileka ezinyangeni ezimbili ezizayo.
Ukuthula kweChiefs esanda kuvuselela ngeminyaka emibili inkontileka ka-Ashley du Preez, kuvumela abadlali bayo abayisishiyagalombili ukuthi bakhulume namaqembu abashelayo.
Phakathi kwabadlali abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni, eqhulwini kuhleli ukaputeni uYusuf Maart, noRanga Chivaviro okungeke kwethuse uma kungathiwa kunezinhlelo zokuthi bayadedelwa.
Ngaphandle kokwehlelwa yifomu kukaMaart noChivaviro, le sizini ikhombise ukuthi laba badlali ababengaconsi phansi kubalandeli, sebenyamanambana kubona.
Abanye abadlali abaphelelwa yizinkontileka eNaturena ngu-Edmilson Dove, George Matlou, Mduduzi Shabalala, Reeve Frosler, Njabulo Blom (obolekiwe) no-Edson Castillo.
Maningi amathuba okuthi iChiefs ikwenza ngenhloso lokhu kwazise umqeqeshi wayo usekuveze kaningi ukuthi uthungatha abadlali abawuhlobo lwabadlale eminyakeni edlule.
Isinqumo sikaNabi sibhekwe kakhulu kubadlali abebelimele lo mqeqeshi angasitholanga isikhathi esanele sokubabheka okubalwa kubona uCastillo, Dove noMatlou.
Akafihli uNabi ukuthi uhlale ethungatha abadlali nokuthi abaphathi beChiefs bamkhululile ngokungena akhululeke emakethe yabadlali uma efuna.
Amakhosi azobuyela kweyeligi kunebohlololo ngenxa yokuthi leli qembu alikwazi ukubamba umgqigqo wamawini kusukela kufike lo mqeqeshi waseTunisia.
Kowakamuva weBetway Premiership, lihlulwe yiRichards Bay FC ngo 2-0 eMlaza.
Kusasa, Amakhosi azobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni wePremiership ngo-3.30 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Yize kusenezimpawu zokuthi abalandeli beChiefs basenesineke noNabi kodwa kukhona asebeqalile ukuvungama njengasezinkundleni zokuxhumana.
Unzima owe-Arrows kuNabi kwazise useThekwini, lapho begcine ukudlala khona beshaywa yiBay ekubeni Abafana Bes’thende bephekwa uManqoba “TV” Mngqithi, onomlando wokuyiphazamisa iChiefs kumasizini adlule.
Okunye okwenza uMngqithi abe yingozi kuNabi kulo mdlalo wukuthi i-Arrows yakhe isanda kubamba iMamelodi Sundowns ngo 1-1 koweligi.
Imidlalo yeBetway Premiership
Kusasa:
Chippa United v AmaZulu FC (Buffalo City Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm); Magesi FC v Stellenbosch FC (Seshego Stadium, 6pm).
NgeSonto:
Polokwane City v Richards Bay FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); TS Galaxy v Marumo Gallants (Mbombela Stadium, 6pm); SuperSport United v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium, 6pm).