LUQASHWE ngeso lokhozi ukhetho ukuqinisekisa ukuthi lunokuthula ezweni jikelele njengoba kunabesifazane abenza lo msebenzi ngaphansi kwe-Women’s Election Mechanism for Peace (WEMP).
I-WEMP iyona eqinisekisa ukuthi abesifazane baneqhaza elibonakalayo kwezokhetho futhi bakwazi ukubika izigameko ezenzekayo ezinhlakeni ezihlukene ukuze zisheshe zilungiswe.
UNkk Nokuthula Makhanya-Sibiya oyiProvincial Peace Advocate ye-WEMP KwaZulu-Natal, uthe abesifazane abaqaphe ukuthula okhethweni ababizwa ngama-peace monitors bakhona ezifundazweni ezinhlanu kuleli okuyiGauteng, KwaZulu-Natal, Limpopo, Eastern Cape naseWestern Cape.
Uveze ukuthi basiqaphile isimo, bayakuqinisekisa ukuthi kunokuthula ezikhungweni zokuvota nasemphakathini.
Babuye baqinisekisa ukuthi kuheleza umoya wokuthula kubantu abajutshwe amaqembu ukuba bayobheka isimo ezikhungweni zokuvota.
Abesifazane abaqashwe yi-WEMP baqeqeshiwe ukuthi bakwazi ukuxazulula udweshu uma kwenzeka luqubuka ezikhungweni zokuvota nasemphakathini.
UNkk Makhanya-Sibiya uthe ngaphandle kwabesifazane abajutshwe ezikhungweni zokuvota babuye babe nethimba eliyisipesheli elihlezi egumbini elibizwa nge-Peace Room, lapho bethola khona imininingwane yokwenzeka ezikhungweni zokuvota ukuze bayibhale phansi.
“Imininingwane esiyitholayo asigcini nje ngokuyibhala phansi ukuze izosisiza ukuthula umbiko wethu uma sekuphele ukhetho, kodwa siyakwazi ukuthi uma kunezimo ezidinga abezokuphepha sisheshe sibazise. Njengoba ama-peace monitors ebheke isimo, sibikela izinhlaka ezihlukene ngokuqhubekayo ezikhungweni,” usho kanje.
Ugqugquzele abesifazane ukuba baphume ngobuningi babo bayovota ngoba akekho ozobahlukumeza njengoba beqaphe ezokuthula okhethweni.
Uthe abaqaphile kuphela okwenzeka kwabesifazane kodwa baqaphe isimo sokhetho sonkana.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi ukhetho luzoba ngolunokuthula ngoba isimo sisiqaphe ngeso lokhozi. Abantu abaphume bayovota, sigqugquzela wonke umuntu, hhayi abesifazane kuphela,” kusho uNkk Makhanya-Sibiya.
Uphethe ngokuthi bazobe bekhona esikhungweni esiqaphe ukuthula kokhetho kusukela ngoMsombuluko kuze kube wuLwesihlanu