Umbuzo
MAGUMEDE, ngingowesilisa futhi ngiganiwe. Ngisalobolile futhi ngiyaya ekhweni lami njengomkhwenyana. Nginenkinga engingazi ngizoyenzenjani. Ngisola sengathi umkhwe wami ubenezilwane ngoba usanda kushona ezinyangeni ezimbili ezidlule wangcwatshwa manje inkinga izilwane zakhe ziyahlupha. Ekhweni lami kukhona amantombazane wodwa kwazise nomkhwekazi sewashona, inkinga lezi zilwane zihlupha uma kukhona mina ngoba imfene isike yangena ngisho elawini, ngagxuma ngagelekeqeka. Umakoti wami nosbali abazi ukuthi benzenjani ngoba khona ngisho engingakuqondi. Sengisaba nokuya ekhweni ngibona sengathi mhlawumbe zisuke zicabanga ukuthi ngiwubaba wazo. Ngikhathazekile ngicela ningibonise.
Impendulo
Impela ngiyayeshwama inkinga obhekene nayo. Kuyacaca ukuthi zicabanga ukuthi njengoba ungowesilisa, kumele zisondele kuwena uma kuwukuthi wumukhwe wakho owayezifuyile. Kungakuhle uzame ukusiza osibali bakho nomakoti wakho ngokuthi ubatshele ukuthi ubhekene nani, nihlanganisa amakhanda ukuze nithole umuntu onganisiza, njengomelaphi wendabuko kanje. Ungabaleki uze ushiye ingoduso yakho ngoba ayenze lutho bandla.