UMUNTU nomuntu unohlobo aluncamelayo uma kuza kwezothando. Umuntu akaqomi noma akaqonywa yinoma ngubani ngoba eshimile. Kungenzeka ukuthi usushimile iminyaka kodwa lokho akusho ukuthi uzovuma noma ngubani okushelayo.
Kuba nohlobo oluthize lwabantu olusichazayo futhi esibonayo ukuthi singakwazi ukuthandana nalo. Yini njalo ngikhuluma kanje? Ngisuswa izinkulumo ezike zibe khona ezinkundleni zokuxhumana ezigcina zidala ingxabano ngenxa yokuthi abanye bazizwa zilumela futhi azifiki kahle kubona.
Ukwenza isibonelo, kunenkulumo eshiwo ngabesifazane ethi "mina ngeke ngithandane nomfana osalala ekamereni". Omunye athi "mina ngeke ngithandane nomfana osalanda ipuleti lokudla endlini enkulu".
Lezi zinkulumo zivamise ukususa uhlevane kwabaningi kugcine sekujikijelwana ngamazwi ezinkundleni zokuxhumana. Ngikholwa ukuthi umuntu osuke esho lokhu usuke ekusho ngoba kungahambisani naye futhi enezizathu zakhe. Uma owesifazane engayifuni indoda elala ekameleni, akuyona inkinga leyo futhi akumele simgxeke ngoba usuke azi yena ukuthi kungani engayifuni. Kufana nowesilisa othi akamfuni owesifazane onomkhaba noma onezishwapha noma onezingane ezingaphezulu kwezimbili. Usuke enezizathu zakhe futhi akumele simgxeke ngoba uyazazi ukuthi ufuna umuntu wesifazane onjani.
Inkulumo yami isekutheni akukhathalekile ukuthi ufuna umuntu onjani, okubalulekile ukuthi thola lolo hlobo lomuntu omfunayo ukuze ujabule. Yekela ukugxeka futhi ukhulume kabi ngabanye abantu. Ngizithandela ubhuti osalanda ipuleti lokudla endlini enkulu futhi akungakukhathazi lokho wena ngoba uthandwa yimi futhi uyindoda yami. Mhlawumbe mina ngisiqonda kangcono isimo sakhe sokuthi kungani engakwazi ukuzimela futhi ngiyasamukela.
Into embi ukuthi kugcine sekuliwa ezinkundleni zokuxhumana kubangwa into ewubala kugxekwana engabe umuntu, nomuntu ugxila kulokhu akuthandayo nahambisana nakho. Siyazi sonke ukuthi singabantu asifani futhi nezimo zempilo azifani kepha akuchazi ukuthi abanye abantu abafanelwe ukuthandwa ngenxa yezimo ezithile ezingahambi kahle.
Yekani ukusiphoqa nokusikhomba ukuthi sivume into esingayithandi. Kujwayelekile ukuthi kugxekwe abesifazane ngoba thina siphenduka abantu ababi uma sithi lokhu asikufuni ekubeni abesilisa bezikhethela abantu ababathandayo. Into engiyazi ngomuntu wesilisa uma kuza enjabulweni yakhe, uyaqinisekisa ukuthi uyazanelisa. Bagxeka amantombazane anezishwapha, nasezele kakhulu kodwa kuba sengathi siyabadelela uma sithi asimfuni umuntu onomkhaba noma onebala elikhanyayo. Angithi nabo bayazikhethela, othanda isidudla ugxila ezidudleni. Othanda amalamba edlile, akangene kuwona phela.
Umuntu akenze okufunwa nguyena nokuzomjabulisa. Uma ngingamthandi umfana olala ekameleni ngiyekeni ngoba nginezizathu zami. Engingakusho nje wukuthi umuntu, nomuntu uyayazi inhlobo ayifunayo nayithandayo. Uma uthanda owesifazane ongaphuzi utshwala, musa ukushela ophuzayo ngoba hleze akuqome. Kunesicefe ukuthi ushele owesifazane ophuzayo ujike ufune ukumyekisa utshwala. Uma uthanda owesifazane onomzimba omncane thola yena ngoba baningi. Akuwenzi umqondo ukuthi ushele isidudla ujike uthi asijime ngoba uthanda ilamba lidlile. Umuntu akakhethe lokhu okuhambisana naye, ayingajikelana phakathi bakwethu.