IMOTO: FORD RANGER PLATINUM
Sekuwumlando manje ukuthi amaveni yizimoto zokusebenza kuphela njengoba esethuthuke ngale ndlela exake ukwenza.
Elinye lawo yiFord Ranger Platinum eyethulwe ngoMashi nonyaka. Ifika izophonsela inselelo “umzala wayo” iVW Amarok Aventura, esuselwe kwiRanger.
Zombili ziwubutsetse bamaveni.
IPlatinum le siqale ukuyibona kwiFord Everest njengoba sebeyehlisele evenini nje. Ngeke nakancane ize ikudide ngoba kwi-grille ngaphambili bayiqophe uPlatinum nge-chrome. I-chrome le yiyo egqize ngayo nakwi-grille nakubhampa ngemuva.
Amalambu angama-Matrix LED headlights ekhanyisa ngawo awagcini nje kuphela ngokwenza ukuhamba ebusuku kube lula kodwa engeza nobuhle.
I-chrome enayo imesha kahle namarimu angu-20 inch asemasondweni.
Ngaphakathi iwubukhosi. Empeleni uze ukhohlwe nokuthi uhamba ngeveni njengoba yakhiwe yaba wubutsetse bayifaka nenqwaba yobuchwepheshe. Ifana ne-Everest Platinum njengoba ishaya ngezihlalo zesikhumba ezinezitishi eziyenza ibukeke kahle. Ezangaphambili zihlelwa ngogesi futhi njengoba sekungenise ubusika nje, uyakwazi nokuzifudumeza.
Ine-instrument cluster engu-12.4 inch efana neyeRaptor yakwabo. Iphinde ibe ne-touchscreen infotainment system engu-12 inch, amakhamera aveza umzimba wonke kanjalo nezipikha zeB&O.
Okunye engikuthandayo wukuthi izindawo zokushaja anizisweli njengoba ziningi futhi kukhona neyokushaja ngaphandle kwentambo.
Ezokuphepha nezinsiza zomshayeli zihlanganisa ukuthi ikusize uma uhlehla nenqola ikukhombise ukuthi uzohlehla kanjani bese ugada isiteringi.
Okunye yi-Adaptive Cruise Control, ama-airbag okukhona kuwo naphakathi kwezihlalo zangaphambili nokunye.
Nasemgwaqeni ayihambi nhlobo njengeveni kungathi uzihambela ngeSUV. Ngeke ngithuke ukubona abanye bengayifaki nakancane obhuqwini ngenxa yobuhle bayo yize yakhelwe ukuthi ihambe nakhona.
Injini ehamba ngayo ingu-3.0 litre V6 turbodiesel enamandla angu-184kW netorque engu-600Nm. Idonsa ngawo womane amasondo noma amabili futhi inama-drive modes ahlukene.
Ithule ngaphakathi futhi intofontofo emgwaqeni. Ukudlula ezinye izimoto yinto elula ngoba injini iphendula ngokushesha kanjalo no-gearbox ushintsha kahle kulamagiya angu-10 enawo.
Kudizili ibidla amalitha ngu-10.3 ngo-100km. Kungenze ngacabanga ukuthi uma ungumuntu ngempela ongawadingi amandla eRaptor futhi ochitha isikhathi esiningi emigwaqeni eyitiyela, iPlatinum kungaba yiyona ongayibheka.
Intengo:
Ranger Platinum Double Cab 3.0L V6 4WD 10AT - R1,120,100
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iRoadside Assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.