KUSEKUNINGI ukungaqondi ngezimoto ezihamba ngamabhethri ezibizwa nwamaNew Energy Vehicle (NEV) ezingenisa emhlabeni jikelele naseNingizimu Afrika.
Okwenza zande wukuthi kuzanywa ukongiwa kwemvelo ukuze kuncishiswe isisi esingcolisayo esikhishwa yizimoto zikaphethroli okanye udizili. Ukuntengantenga kwentengo kaphethroli, ukuqina kwemithetho, nezindawo zokushaja ngezinye zezinto ezenza zande izimoto zikagesi.
ENingizimu Afrika azikandi kangako ngenxa yezinto ezehlukene njengentengo ephezulu, ukushoda kwezindawo zokushaja nokwesaba ngebanga ongalihamba ngazo, ngokusho kweWesBank.
Ithe yize kunjalo kodwa isibalo siyakhula.
Ngokwe-naamsa | The Automotive Business Council, kudayiswe amaNEV angu-15 611 ngo-2024 nokuyisibalo esenza u-3% wazo zonke izimoto ezintsha ezidayisiwe.
Ithe ngokuqonda izinhlobo zamaNEV ezikhona, amakhasimende angathatha isinqumo esingcono ngemihlomulo ekhona ngazo.
Hybrid Electric Vehicles (HEVs)
Lezi zimoto zihlanganisa injini kaphethroli noma kadizili ejwayelekile nekagesi webhethri. Ibhethri liyashajwa uma ubhreka. Ikahle kwabafuna ukonga kuphethroli noma abamanqika ngokushintsha bangene kwehamba ngogesi kuphela. AmaHEV adla kangcono kuphethroli futhi akhipha isisi esincane esingcolisa imvelo.
Plug-in Hybrid Electric Vehicles (PHEVs)
AmaPHEVs nawo ahlanganisa injini ejwayelekile nekagesi webhethri kodwa ayashajwa. Ahamba ibanga elithe xaxa ngogesi kunamaHEV nokuvumela ukuthi uhambe ibanga elifishane ngaphandle kokungcolisa imvelo. AmaPHEV akahle kulabo abafuna ukuhamba ngogesi nsukuzonke kodwa bekwazi nokuhamba ngenjini ejwayelekile ibanga elide.
Battery Electric Vehicles (BEVs)
AmaBEV ahamba ngenjini kagesi webhethri kuphela. Imoto ihamba buthule futhi ayikhiphi sisi esingcolisa imvelo. AmaBEV akahle kulabo abafuna ukonga imvelo, abahlala edolobheni nakulabo abakwazi ukuba namashaja emakhaya.
Inzuzo ngamaNEV kubashayeli baseNingizimu Afrika:
- Ngokujwayekile ugesi ubiza kangcono kunophethroli okanye udizili.
- Izinjini zikagesi azinawo amaphathi amaningi kunezijwayelekile nokwenza kushibhe ukuzinakekela.
- AmaNEV awasikhiphi isisi esingcolisa imvelo.
- Zinamandla asheshayo ukuzwakala futhi kumnandi ukuzishayela.