NJENGABANYE abantu abasuka ezindaweni zasemakhaya bezohlwaya amathuba empilo engcono nakuNksz Nomfundo Magwaza kwaba ngesifanayo enquma ukusuka kubo KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, wafudukela KwaMashu, eThekwini eyofuna umsebenzi.
Luqale kanjalo uhambo lokungena nokugxila ebhizinisini kuNksz Magwaza, okwathi eseseThekwini ezama ukuhlanganisa impilo esafika ngo-2019, wezwa ngethuba lokucija abantu abathanda ukubhaka elalivulwe yisikole sokupheka i-Al Fidaa School of Baking.
Uthe ngenxa yokuthi naye ubevele ewumuntu okhonze ukubhaka uma ezihlalele ekhaya, wafaka isicelo waba nenhlanhla bamthatha.
Uveze ukuthi bamcija ngokuningi okuthinta ukubhaka amakhekhe, wathola nolwazi lokuthi uliqala kanjani ibhizinisi lokubhaka.
“Okwangisiza ngesikhathi sifunda ngukuthi sasibekelwe umbandela wokuthi sidayise amakhekhe esibalo esithile bese inzuzo esiyenze lapho, siphoqeka ukuthi siyibeke kwabesikhungo. Babesibuyisela yona uma sekuphele uhlelo lokuqeqeshwa. Ngikhumbula kahle ukuthi nguR800 imali engayenza lapho, okuyiyo engayisebenzisela ukuthenga izinto engangizidinga ukuqala ibhizinisi. Yaqala kanjalo iNjinji Classic Bakery ngo-2021,” usho kanje.
Eqhuba uthe enye into emsize kakhulu wukunganethezeki, kunalokho ubehlale ezihlupha ngokufuna ulwazi oluzomsiza ukuze ibhizinisi lakhe lichume, okwenze wathola ulwazi olwehlukene lokusimamisa nokuphatha ibhizinisi.
“Ngo-2022 ngibe sohlelweni lwenhlangano i-Asime Women, lapho ngifundiswe khona unyaka wonke ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.Ngo-2023 ngangena kolunye uhlelo lwaseDUT lwezinyanga ezintathu, nakhona sasifundiswa ukuphatha ibhizinisi,” kusho uNksz Magwaza.
Uthe nyakenye kwathi engazelele wathintwa ngabeNYDA, (National Youth Development Agency), bemazisa ngolunye uhlelo futhi ababefuna ukumfaka kulona ngenhloso yokumsiza ukuchumisa ibhizinisi lakhe, lapho ahlabana khona ngoR42 000 wokumxhasa ngokumthengela izinto azidingayo ebhizinisini.
“Leyo mali ingisize kakhulu ngoba ngathenga isitofu esikhulu sokubhaka amakhekhe amaningi ngesikhathi esisodwa, futhi ngathenga nefriji engifaka kulona umkhiqizo wami wamakhekhe ukuze ube sesimeni esihle usalinde ukuthi ngiwuhambise emakhasimendeni,” kusho yena.
Mayelana nezinhlelo zekusasa, uNksz Magwaza uthe: “Inhloso yami enkulu wukuchumisa ibhizinisi lami ngendlela yokuthi ligcine selibuyela ekhaya KwaNongoma ngoba ngiyabona ukuthi ayindlala amabhizinisi anjena ekubeni edingeka kakhulu ngoba abantu bayawathanda amakhekhe."
Uthe abantu basemakhaya bahlale benza imicimbi edinga kube khona ikhekhe kuyona,
"Okuhle ngalokho wukuthi kuyosiza ngokufukula intsha yangakithi eswele umsebenzi,” kusho yena.