UMCULI wowokholo uNobathembu Mabeka ushiye abaningi begcwele usizi ngoMgqibelo e-ICC, eThekwini emcimbini weqembu ayeyingxenye yalo, iJoyous Celebration ebikhumbuza abantu izingoma zayo zakudala, yaphinde yamema nabaculi asebashiya kuyo ukuba bazonandisa.
Leli qembu lenze imicimbi emibili njengoba owokuqala bekuyiJoyous:The Rewind Show kwathi ngeSonto lethula i-albhamu yalo ka-28.
UNobathembu ongomunye wezinkakha ezayibamba iminyaka kuleli qembu, uveze ukuthi impilo ayibanga lula njengoba kwasha umuzi wakubo sekusele amasonto amabili ashade.
Uthe lesi simo samenza wakhumbula ingoma ayeyicula kuleli qembu ethi, Thula Wazi, ekwi-albhamu yalo eyaphuma ngo-2010.
“Ngijabule ukuphinda ngibuye ngizojabulisa abalandeli baleli qembu ngemuva kweminyaka engu-15 ngagcina ukucula. Le ngoma engizoyicula manje ingikhumbuza emuva lapho ngisuka khona. Mina ngishadele khona lapha eThekwini. Kwathi ngilungiselela umshado wami ngavivinywa ngendlela engangingacabangi ukuthi ngiyodlula kuyo. Kwakusele amasonto amabili kube umshado, washa waphela nakho konke umuzi wakithi okwakumele ngiphumele kuwo. Usha nje wase usuqediwe ukukhokhelwa, singenawo nomshwalense ekhaya. Ngazibona ngingelutho. Kodwa ngeke ukholwe uma nginitshela ukuthi uNkulunkulu waba mkhulu kimi, ngakhumbula le ngoma eculwa yimi ethi Thula Wazi nginguThixo, ngakhumbula amazwi ayo athi nika idolo ukudla kwalo. Nangempela ngahlala emkhulekweni, ngaphumelela,” kuchaza uNobathembu.
Uthe kule minyaka engaculi akukho akuswelile njengoba zonke izinto zenzeka ngendlela afisa ngayo.
“Ngizobuyisa ithemba kubantu asebelilahlile ukuthi bamthembe uNkulunkulu. Ngiyanithanda kakhulu, ngiyajabula ukuphinde ngihlangane nani,” kuchaza yena ngamafuphi.
Uthe usashadile futhi konke kuhamba kahle emshadweni wakhe.