IMOTO: VOLVO XC90 T8 RECHARGE
IZINKAMPANI eziningi zisemkhankasweni wokwenza izimoto ezingayingcolisi imvelo nokuyingakho ziqhamuka namaqhinga ahlukene.
Enye yazo yiVolvo ehlela ukuthi kushaye u-2030 ibe isiyakha izimoto ezihamba ngogesi kuphela.
Ezweni elifana neNingizimu Afrika lokho akuzona izindaba ezimnandi ngoba sisasele emuva ngengqalasizinda yokushaja nokwenza izimoto zalolu hlobo zibe kahle kubantu abahlala emadolobheni kuphela. Okunye wukuthi sinenkinga kagesi kanjalo nentela efakwa kuzo iphezulu nokugcina kunyusa intengo yazo.
Lokho kodwa akusho ukuthi angihambisani nalolu shintsho. Kunalokho okwamanje ngisancamela lezo ezingamahybrid. Kusho ukuthi zihamba ngophethroli ziphinde zisebenzise nogesi. Ibhethri lazo lizishaja ngesikhathi ihamba. Ezinye kumele uzishaje wena ibhethri lezo okungamaplug-in hybrid.
IVolvo isanda kuletha iXC90 eyiplug-in hybrid. Incintisana nezinye okukhona kuzo neLexus RX 450h + eyiplug-in hybrid neDiscovery Sport P300e.
I-XC90 T8 Recharge inenjini kaphethroli eyifour cylinder ehlangene nebhethri elingu-18.8kWh. Kokubili kuyenza ibe namandla angu-340kW netorque engu-709Nm. Idonsa ngawo womane amasondo ngogearbox oyi-8 speed auto.
Kuthiwa ayikho indlovu esindwa wumboko wayo futhi nale XC90 ayisindwa ngumzimba wayo. Uyakhohlwa ukuthi inkulu uma uyisusa ngoba ngemizuzwana engu-5.3 isuke isifika ku-100km/h.
Uma ungahambi kakhulu ungagcina uzihambela ngogesi kuphela uphethroli ungawuthinti ngoba uma ibhethri igcwele bathi ungahamba 77km. Uma kodwa usebenzisa uphethroli uzobona ukuthi indlela edla ngayo ilingana nomzimba wayo ngoba kimi ibidla 8.5l ngo-100km.
Uze ungasiboni isidingo sokuba neSUV enkulu ehamba ngodizili ngenxa yokonga kwayo.
Okuhle ngayo wukuthi ihamba kamnandi emgwaqeni, intofontofo kwazise ine-air suspension eyenza ungawezwa kakhulu amabhampu.
Iphinde ibe nenqwaba yezinsiza zomshayeli ukuze yena nabagibeli bakhe baphephe njengoba kwaziwa ukuthi iVolvo ingenye yezinkampani eziqhakambisa ezokuphepha.
Kade ngiveza ubukhulu bayo, ngokwezinombolo iwheelbase ingu-2984 mm. Lokhu kwenza abagibeli abayisihlanu bahlale kahle ngokukhululeka. Isiyonke ilayisha abayisikhombisa kodwa lezi zihlalo zangemuva azinaso isikhala esikhulu kangako. Ibhuthi ingu-640l kodwa uyakwazi ukuyandisa ngokulalisa izihlalo.
Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili uzihlela ngogesi. Empeleni ingaphakathi layo yindawo ekahle ukuba kuyo ngoba izinga liphezulu. Okakhayini kunepanoramic sunroof eyenza ubone isibhakabhaka. Ngaphambili awufici izinto eziningi kodwa kunetouchscreen infotainment system obona khona inkombandlela yakwaGoogle Maps, ikhamera eveza ingaphandle, uhlela khona amazinga okushisa, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay nokunye. Ngingaze ngikhohlwe, inezipikha ezikhala kamnandi zeBowers & Wilkins.
Negiya ngezansi kwescreen lihle lisangilazi.
Isiyonke nje yinhle ngaphandle nangaphakathi kuyasho ukuthi yiyona moto eyinkosana emndenini wakwaVolvo kuleli.
Intengo:
Volvo XC90 T8 Recharge - R 1,713,000