IMOTO: MINI COOPER SE
I-BMW ingenye yezinkampani eziphambili ngezimoto zikagesi eNingizimu Afrika njengoba ineziningi amakhasimende angakhetha kuzo.
Empeleni lokhu kuyayisebenzela ngoba yiyo ezihola phambili ngokuthengwa kakhulu, bese ezinye zilandela ngemuva.
Enye yezimoto zayo yiMini Cooper SE engasebenzisi uphethroli noma udizili kepha uyishaja ngogesi kuphela. I-Mini yenganyelwe yiBMW, uma ubusukhohliwe.
I-MINI Cooper SE le, yiyona moto kagesi "eshibhile" eNingizimu Afrika, kuze kube kuqala ukudayiswa kweGWM Ora okuyiyo ezobiza ngaphansi.
Njengezinye izimoto zeBMW, uma unganakile uzibonela iMini ejwayelekile nje, kuze kube usondela eduze. Lokhu ngikubona kuyinto enhle ngoba ayikudonseli amehlo angenasidingo.
Ngaphandle iyabukeka ngamaLED daytime running lights ayindilinga edume ngawo. Ama-headlights nawangemuva angamaLED. Amarimu angu-17 inch.
Nangaphakathi wungena wazi ukuthi yimoto encane, kwazise ine-wheelbase engu-2 4995mm. Uma ngihleli nje, njengoba ngingu-169cm ubude, akungeni muntu ngemuva kwesihlalo sami. Isikhala ebhuthini singu-211 litres.
Ine-screen se-infotainment system esiyindilinga oxhuma kuso iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi yilapho odlala khona umsakazo ngezipikha zeHarman Kardon.
Ngithanda ne-digital instrument cluster eveza imininingwane oyidingayo, nakhona iyiMini nge-screen infotainment esiyindilinga.
Naphezu kokuthi sengizishayele izikhawu izimoto ezihamba ngogesi kodwa luba khona uvalo. Okulwenza lube khona kakhulu kule yingoba inebhethri elingu-32.6kWh. Inamandla angu-135kW ne-torque engu-270Nm. Isuka ku-0 iye ku-100km/h ngo-7.3 futhi ijubane elikhulu ngu-150km/h.
AbeMini bathi ungahamba u-215km uma uyishaje yagcwala, okuyinto engingakaze nakancane ngisondele kuyo. Bengigcina ko-160km.
Kuncane lokhu uma ubheka intengo yayo kodwa uma ungumuntu ohlala edolobheni futhi ungahambi kakhulu, kwanele. Ntambama uyazi ukuthi ufika kwakho uyayishaja noma uya enxanxatheleni yezitolo ufike uyishaje futhi. Indawo oshaja kuyo inomthelela esikhathini esithathayo ukuze igcwale.
Nasemgwaqweni ihamba kamnandi futhi ubuncane bayo benza ichushe kalula, kube lula nokuyipaka.
Intengo:
R694 600
Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.