KUZOCACA ukuthi iyiphi inkosi yamaveni emcimbini waminyaka yonke iNgodini Bunduz Games, eNgodini Bunduz, eShowe ngoNovemba 24 kuya ku-26 lapho ezoqhathwa khona emidlalweni ehlukene.
Lo mcimbi kuzoba wunyaka wesikhombisa usingathwa.
Umsunguli wawo ophinde abe ngumnikazi wendawo, uThokozani “TP” Mabaso, uthe kuningi okusha abakwengezile kulo nyaka.
“UNovemba 24 wusuku abantu abazofika ngalo. Sizoba nenkundla lapho sizohlala khona emlilweni sishaye ingoma siphinde sikhulume nangezinto ezithinta abantu njengesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane. Ngemuva kwalokho kuzoba nosomahlaya,” kuchaza uTP.
Uqhube wathi ngoNovemba 25 bazoqala ngokuzivocavoca ngaphambi kokuthi amaveni agadulisane amahora amathathu.
“Kuzoba khona imidlalo yokuhlehla, eyokushayela uvalwe amehlo bese umsizi wakho ekutshela ukuthi yenzani, kuzoba neveni elincintisana nehhashi ngokugijima, ukuqwala intaba, ukushayela odakeni siphinde sizibophe zidunuselane bese sithi azidonsane sibone ukuthi iyiphi edla umhlanganiso. Kunendondo nama-medal awinwayo. Silindele abantu abasuka eNorth West asebeqinisekisile ukuthi bayeza, abasuka eMpumalanga, Lesotho, eGoli naseThekwini. Zonke izifundazwe zizobe zimelelekile,” kusho uTP.
Uthe kuzoba nomqhudelwano wezithuthuthu ezinamasondo amane nezimoto ezinama-frame ensimbi.
Uchaze umcimbi njengowomndeni wonke ngoba nezingane zivumelekile. Uthe izingane zizothola ithuba lokudlala ama-jumping castle, ukugibela amahhashi, ukudlala i-zipline, ukubhukuda, ukudwetshwa ebusweni nokunye. Kuzobe kunabaculi noDJ abehlukene.
“Amathikithi asekhona eComputicket ngo-R300 okungena impelasonto yonke. Noma ufuna ukungena usuku olulodwa kuzoba yiwo uR300. Esangweni nguR350. Kulabo abafuna ukulala ematendeni ethu itende libiza uR1 600 impelasonto yonke. Uma ufika nelakho impelasonto sithi nguR600. Kulabo abazohluleka ukuhamba ngeSonto ngeke sibaxoshe ematendeni sizobavumela ukuthi baphinde balale mahhala baze bahambe ngoMsombuluko.”