KUZOQALA khona maduze ukwakhiwa kwefemu yenkampani yezimoto iStellantis ezoba seCoega Special Economic Zone (SEZ) eGqeberha, lapho kulindeleke ukuthi kwakhiwe izimoto ezingu-500 000 ngonyaka.
Le nkampani, phambilini eyamemezela ukuthi ifuna ukukhiqiza iveni iPeugeot Landtrek kule femu, ithe iningi lezimoto elizozakha kuzoba ngezizodayiswa kwamanye amazwe.
Itshale uR3 billion ukwakha ifemu okulindeleke ukuthi iqede ukwakhiwa ungakapheli u-2025. Kuthiwa kuzodaleka amathuba omsebenzi angu-1 000.
UMnuz Samir Cherfan, oyiCOO kwaStellantis Middle East Africa (MEA), uthe ukwakhiwa kwefemu kuhambisana nohlelo lwabo luka-2030 lokuthi bakhiqize izimoto ezingu-1 million kulesi sifunda ngalesi sikhathi.
“Uhlelo lwethu lwesikhathi esizayo olokuthi u-90% wezimoto ezidayiswa esifundeni iMEA kube ngezikhiqizwa emafemini ethu akhona kulesi sifunda,” kusho uCherfan.