ISIKHWAMA esisiza osomabhizinisi abasemkhakheni wezimoto ngamali i-Automotive Industry Transformation Fund (AITF) sivule izandla ukuthi bafake izicelo zemali njengoba sifuna ukushintsha imboni.
I-AITF yasungulwa ngo-2020 yizinkampani zezimoto ezikhiqiza kuleli okuyiBMW Ford, Isuzu, Mercedes-Benz, Nissan, Toyota neVolkswagen ngenhloso yokuvulela amathuba osomabhizinisi abamnyama abasakhula.
Sisiza osomabhizinisi abacangcatha izimoto (panel beaters), amagaraji, abakha amaphathi nabanye ngenhloso yokudala amathuba omsebenzi.
Isikhulu esiphezulu sesikhwama, uJabu Selumane, sithe kule minyaka embalwa bekhona sebexhase izinkampani ezingu-67 ngemali engu-R596 million.
“Inhloso yethu wukweseka izinkampani ezingu-90 ngaphambi kuka-2029 futhi sisendleleni ebheke ekuzuzeni lokho,” kusho uSelumane.
Uthe abadali kuphela amathuba kodwa bakha amabhizinisi azokwazi ukuhlala isikhathi eside kule mboni eshintshayo. Uthe babheke nasekuthuthukiseni abesifazane.
“Sizibekele umgomo wokuthi u-30% wemali yethu usize amabhizinisi abantu besifazane futhi ngiyajabula ukusho ukuthi sekukwenzile lokho. Esikwenzayo akukho mayelana nokujaha izinombolo kodwa kuwukudlula obekulindelekile nokudala ushintsho. Izinkampani eziyingxenye azigcini nje icala kodwa zizimisele ngokwakha ikusasa eliveza ukuhluka namathalente eNingizimu Afrika,” kusho uSelumane.
Uqhube wathi bazotshala imali engqalasizindeni yezimoto ezihamba ngogesi (new energy vehicles), ukukhiqizwa kwamabhethri nokunye ngenhloso yokuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuncintisana namazwe omhlaba embonini yezimoto eshintshayo.