IMOTO: TOYOTA HILUX GR-S III
Ngaphambi kancane kokuthi kuhlangane iminyaka emibili egcwele kwaToyota South Africa Motors baqala ukudayisa iHilux GR Sport yesibili, sebelethe eyesithathu ebukeka izodoba abaningi.
Uma ukhumbula iHilux GR-S yokuqala yethulwa ngo-2019 futhi kudayisa angu-600 kuphela kwathi eyesibili yalandela ngo-2022 njengoba sekufika le. Ngeyekhethelo njengoba kuzodayisa angu-2 400.
Iyawadonsa amehlo ngenxa yobukhulu bayo. Lokhu kwenziwa wukuthi ibanzi futhi iqumbile nasemakhwapheni. Iphinde yalishiya igabade kwazise bayenyuse ngo-20mm. Lokhu kuphakama kusiza ukuthi i-approach angle nayo inyuke njengoba isingu-30 degrees.
Amasondo bawashintshile bafaka amaBF Goodrich All Terrain angu-R265-65R17.
Kuwona kuvela ama-brake callipers abomvu. Kumele ngikuveze ukuthi ama-disc brake ngaphambili bawanyusile esuka ku-16 inch aba ngu-17 inch ngaphambili kwase kufakwa angu-15 inch ngemuva ukuze izokwazi ukubamba thaqa uma kumele ime.
Kukhona nokunye okuyenza yehluke kunezinye izinhlobo zeHilux njengomhlobiso wakwaGR osezicabheni ezansi obungekho phambili. Kweyokuqala wawumkhulu kodwa wakhishwa kweyesibili.
Esikhenkeni kunoseyili futhi ngaphakathi kufakwe i-rubber.
Ngaphakathi iyefana neHilux ejwayelekile ngaphandle kwezihlalo eziqoshwe uGR. Isiteringi, esinama-pedal shifters ngemuva, phakathi nendawo siphinde sibe nomugqa obomvu phakathi nendawo phezulu ukukukhombisa ukuthi sijike ngakuphi.
Okunye enakho yizipikha zeJBL. Iyaziceba kodwa ukuthi ingaphakathi selihanjelwe yisikhathi ikakhulukazi uma uliqhathanisa neRanger njengoba i-screen sinamabhathini eceleni futhi inembobo eyodwa yokushaja nge-USB ngaphambili.
KwaToyota abathi vu ngokwethulwa kweHilux entsha ceke ngoba ekhona manje sekunesikhashana yaqala ukudayiswa ekubeni izimbangi zeHilux zona kungezakamuva.
Ngaphansi kwebhonethi injini abayishintshanga.
Kuseyi-2.8 litre kadizili enamandla angu-165kW ne-torque engu-550Nm. U-gearbox uyi-6 speed auto futhi ushintsha kahle nokuthi uma uthanda uzibambele mathupha kuma-pedal shifters ngemuva kwesiteringi.
Ukuyishayela phakathi kweGeorge neGqeberha kunginike ithuba lokuyizwa ukuthi ukhona yini umehluko. Indlela esihambe kuyo ihlanganisa nokugudla obhuqwini lwasePrince Alfred’s Pass.
Yize amandla engashintshanga kodwa inakho kancane ukuzwakala ngathi iyashesha emgwaqeni.
Imbangi yayo akuyona iRanger Raptor kodwa kwaToyota bathi yiRanger Wildtrak X yize ngibona kuyiTremor ngoba amandla acishe alingane futhi nentengo ayihlukile kakhulu nokunye.
Amandla lawa iwafaka kahle, ayinamsindo futhi emabhampini ayizweli nhlobo kakhulu.
Nasobhuqwini intofontofo yize ibuye ibe nakho ukuzwakala ngathi isinqa siyatshikiza kancane emajikeni anamatshe amancane.
Izihlalo eziyisikhumba ne-suede zikubamba kahle futhi zintofontofo.
I-suspension bayishintshile ukuze ihambe kangcono emgwaqeni nasobhuqwini futhi namasondo abawafakile ayawenza umehluko.
Kudizili bathi idla amalitha angu-8.7 ngo-100km.
Intengo:
Toyota Hilux GR-S III 2.8 GD-6 4x4 AT – R999 000.
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-100 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.