IMOTO: SUZUKI FRONX
UNYAKA odlule usongwe sikhombisa ukunyuka isibalo sezimoto ezilandwa e-India ezidayise kakhulu emakethe yaseNingizimu Afrika.
Ezimotweni ezintsha ezingu-532 098 ezidayise kuleli, ezingu-146 095 ngeziqhamuka kuleliya lizwe. Zakhiwa izinkampani ezahlukene ezikhiqiza khona futhi zihehwa yizindleko okuthiwa zishibhile khona.
Enye yazo yiSuzuki ebukeka ilokhu ibaqoqile abathengi njengoba ngoJanuwari ilale indawo yesithathu ngokuba yinkampani edayisa kakhulu eMzansi ngemuva kweToyota neVolkswagen Group South Africa (ehlanganisa ne-Audi).
Abakwenzile kwaSuzuki ukwandisa izimoto abanazo emagaraji abo nokwenza kube lula ukudoba abathengi ngoba ungathi ufuna imoto enkulu kodwa ngenxa yokungavumi kwephakethe ugcine usubheka khona ukuthi iyiphi enye ongayithola.
Kuthe ngonyaka odlule bethula “enesitayela” iFronx okuyi-SUV encane ezishaya sa-coupé.
Ngithe ngiyifaka ekhasini lami ku-Facebook kwaba khona othi ifana ne-Renault Kiger.
Njengayo iFronx, iKiger nayo yakhiwa e-India futhi ngingayibala njengembangi yayo. Ungafaka neNissan Magnite, Hyundai Venue namanye ama-SUV amancane yize wona kungewona ama-coupé.
Yize ebesihamba ngayo ibimhlophe kodwa ngihlangane nenombala ozishaya sawolintshi ngayibona ubuhle ibeneka obala.
Ngaphambili ine-grille ephicwe nge-chrome. Ama-daytime running lights bese kuthi ama-headlights abe ngezansi angikhumbuze ama-fog lights eVW Golf 8 GTI neRenault Megane.
Uma uyibuka ngohlangothi yilapho ubona khona ukuphakama kwayo njengoba igabade ilishiye ngo-170mm. Ama-rails okhakhayini engeza ubu-SUV bayo. Amarimu angu-16 inch bese kuthi ngemuva uthole amalambu angama-LED.
Uma uthanda isitayela kumele wazi ukuthi kukhona lapho ozoncisheka khona emotweni. Ngokujwayelekile kuba yisikhala.
Ngokwe-wheelbase, iFronx ingu-2 520mm nokuyinto engaphezulu kancane kune-Venue neKiger zonke ezinengu-2 500mm.
Yize kunjalo kodwa ukuba yi-coupé kwayo kunciphisa isikhala ebhuthini njengoba singu-304 litres. IKiger iphethe esikhulu esingu-405 litres kuthi iVenue ibe nesingu-343 litres.
Uma isikhala sisincane uyakwazi ukulalisa izihlalo zangemuva nokho ukuze usandise, inqobo nje uma kungenabagibeli ngemuva.
Yize futhi isikhala sebhuthi singesikhulu kodwa ngibone esabagibeli sanele, ikakhulukazi ngemuva. Ngemuva bekuhlaleka kahle namadolo engampintsheki nokuyinto enhle. Okunye engikuthandayo ngemuva wukuthi kunezindawo zokushaja ezimbili neyokukhipha umoya we-aircon.
Ngaphambili, njengoba kushisa nje, kungihlukumezile ukuthi isigubhu esikhulu esingu-1.5 litre asingeni esikhaleni sesicabha kufuneka esingathi sincanyana.
Amakani anaso isikhala ngasegiyeni futhi kunesinye isikhala sokufihla izinto ezincane ngemuva kwe-handbrake.
Indawo yokushaja nge-USB iyodwa kodwa kukhona enye yokushaja ngaphandle kwentambo. Le ye-USB yiyo eyenza iselula ixhumeke nge-Apple CarPlay/Android Auto ivele kwi-touchscreen infotainment system.
I-touchscreen le uphinde udlale khona umsakazo, ubona uphethroli onawo futhi yilapho ubona khona nengaphandle lemoto ngamakhamera.
Yinto engajwayelekile kulesi sigaba ukuthi ikhamera ikuvezele yonke imoto ngoba kuba ngeveza ingemuva kuphela.
Okunye okuhlukile yiHead-Up Display umshayeli abona kuyo imininingwane.
Izihlalo zayo ngizizwe zintofontofo ngoba yilapho ochitha khona isikhathi esiningi uma ususemgwaqeni.
Injini ehamba ngayo ngejwayelekile kwaSuzuki engu-1.5 litre four-cylinder kaphethroli. Inamandla engiwezwe enele angu-77kW njengoba kungeyona imoto esindayo ne-torque engu-138Nm.
Amagiya abengena kalula ku-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-6.2 litres ebangeni lika-100km nokuyinto engeyimbi.
Uma usuhamba izicabha azizikhiyi njengakwezinye izimoto, kumele uzikhiye wena nokuyinto engingayithandi ngoba akuphephile la emnyango. Kodwa imithetho yakwamanye amazwe ithi kumele kube wumshayeli ozithathela isinqumo sokukhiya imoto ukuze angakhali ngayo uma kwenzeka eba sengozini bese ethi bekungaphumeki ngoba imoto ibikhiyiwe.
Akhona kodwa ama-airbag ngaphakathi kanjalo ne-electronic stability programme nokuthi ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo.
Ubuchwepheshe bayo, isitayela nokungaligqobhozi kangako iphakethe kungenye yezinto ezingenza uyibheke iFronx uma ungenendaba kangako nebhuthi enkulu.
Intengo:
1.5 GLX 5MT – R324 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km, iservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km, i-roadside assistance yeminyaka emihlanu ne- anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.