I-VOLKSWAGEN Group Africa yedlale obala izinhlelo zayo zika-2025 kepha isajeqeza emuva ukubheka ukuthi izinto zihambe kanjani kuyo.
Le nkampani ibinombuthano iVW Indaba efemini yayo eseKariega, eGqeberha. Bekungokwesibili ukhona.
Isikhulu esiphezulu uMartina Biene sithe, ngo-2024 baphule irekhodi lezimoto abazakhile ngoba zibe ngu-167 084. Yisibalo esedlule esikhulu saphambilini okwabe kuwu-162 000.
Kulezi zimoto, ezingu-131 485 kube ngamaPolo adayiswe ngaphandle kwakuleli ngoba le femu iyona yodwa emhlabeni eyakha amaPolo ashayelwa ngakwesokudla.
Ezingu-35 599 kube ngamaPolo Vivo adayiswe eNingizimu Afrika.
UBiene uthe batshale uR4 billion wokuthuthukisa ifemu ukuze bakhe iSUV entsha engakabi negama. Izongena ngaphansi kweT-Cross.
“Kulo nyaka sizoba sincane isibalo sezimoto esizozakha futhi ngizonitshela ukuthi kungani,” kusho uBiene.
Uthe phakathi kukaMashi, no-Ephreli izovalwa kancane ifemu ngenhloso yokyithuthukisa ksnti lokho kuzophazamisa umkhiqizo. Balinganise ukuthi bazokwakha izimoto ezingu-157 476.
Uqhube wathi basaqhubeka nezinhlelo zokwakha isikole samabanga aphansi eGqeberha, inkinga wubunzima bokuthola indawo abazokwakha kuyo.
Okunye abakubhekile kulo nyaka wukuhamba phambili ekudayiseni izimoto ezincane. NgoJanuwari iSuzuki Auto South Africa, iphinde yabadlula okwesibili njengenkampani edayise kakhulu kunabo. ISwift idlule nePolo Vivo esibe yiyona moto edayisa kakhulu minyaka yonke esigabeni sama-passanger car.
UBiene uthe ifemu yakwaVW eseRwanda, engena ngaphansi kwakhe, ibhekene nesimo esishubile phakathi kwaleliya zwe, nelakuleli ngenxa yempi eseDemocratic Republic of Congo. Kepha wathi asibaphazamisi ngoba abangeni kwipolitiki.
Le nkampani iphinde yasebenzisa ithuba ukunxenxa amakhasimende ayo athintekayo ukuthi alethe izimoto zawo zizolungiswa mahhala ama-airbag anenkinga, uma kunengozi nangadala ukulimala.
Lama airbag akhiwa yinkampani iTakata futhi athinta izinkampani zezimoto eziningi emhlabeni jikelele.
Kuleli zilinganisellwa ku-190 000 izimoto zakwa-Auto, Volkswagen nakwaVolkswagen Commercial ezithintekayo. Ngezakhiwa phakathi kuka-1989 no-2017.
“Njengenkampani hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa emhlabeni jikelele besizama ukuthumela umyalezo wokucela amakhasimende ukuthi awalethe izimoto. Esikutholile ukuthi amakhasimende acabanga ukuthi ayaqolwa njengoba sazi ukuthi lapha eNingizimu Afrika, kunezindlela eziningi zokuqola bese bengazilethi izimoto,” kusho owengamele ezokuxhumana eVolkswagen Group Africa, u-Andile Dlamini.
Uthe bazama ukuthumela umyalezo ebantwini wokuthi bangene kwi-website yabo balandele imiyalelo noma baye emaraji abo ukuyobheka ukuthi izimoto zabo azithinteki yini.