IMOTO: Kia Tasman
IKia ingenisa emavenini njengoba iveze okokuqala isithombe seTasman okulindeleke ukuthi yethulwe ngonyaka ozayo.
ITasman yiveni yokuqala yale nkampani futhi igama layo kuthiwa lisuselwe kwelasesiqhingini iTasmania, eningizimu ye-Australia.
Le nkampani ikuqinisekisile ukuthi iTasman izodayiswa e-Afrika, Korea, Australia naseMiddle East.
Esithombeni esiveziwe, iTasman iphicwe ngomhlobiso owenziwe yiciko elihlonishwayo uRichard Boyd-Dunlop.
ITasman kuthiwa yakhelwe ukumelana nezidingo zamakhasimende ngokwahlukana kwazo. Yakhelwe ukuhamba ngesho ezindaweni okunzima ukuhamba kuzo.
Imininingwane ephelele ngayo ayikadalulwa.
Ngokubika kwe-Motor1.com, kwaKia bahlela ukuyidayisa itholakale nge 4x4 ne-4x2. Injini kuthiwa kuzoba yi-2.2 litre kadizili eno-gearbox oyi-8 speed auto.
Injini engu-2.2 yale nkampani ekhona ifakwe kwiSorento nakwiCarnival. Inamandla angu-148kW (147 kwi-Carnival) ne-torque engu-440Nm.
Kulindeleke ukuthi uma ilethwa kuleli izobangisana namaveni okukhona kuwo iToyota Hilux, Ford Ranger, Isuzu D-Max, VW Amarok namanye.
Njengamanje esigabeni sama-commercial vehicle, kwaKia kuleli badayisa iK2700 neK2500