Kwa-Isuzu Motors South Africa bagubha iminyaka eengu-45 kuleli ngokwethula iveni iD-Max 45 yekhethelo.
I-D-Max 45 isuselwe kwiLSE Double Cab 4x4 futhi kwakhiwe ayisikalo esibaliwe.
Le nkampani iqale ukwakha amaveni ayebizwa ngeKB ngaleso sikhathi, ngo-1979 efemini yayo eseGqeberha.
Ngemuva kokuthi i-Isuzu Motors South Africa iqale ngo-2018 njengenkampani ephethwe ngokugcwele yi-Isuzu Motors Limited nokungeyokuqala ngaphandle kwaseJapan, iKB ishintshe igama yaba yiD-Max.
Le nkampani iqashe abasebenzi abangu-1 000 ngqo nabanye abangu-25 000 abahlomula ngobukhona bayo.
Ngo-2018 imemezele ukuthi itshala u-R1.2 billion ukulungiselela ukwakhiwa kweD-Max yesikhombisa okuyiyo edayisa manje. Ukwakhiwa kwayo kuqale ngo-2022 futhi kwakhiwa ashayelwa ngakwesokudla nangakwesokunxele njengoba iphinde idayise nakwamanaye amazwe.
I-D-Max 45 inenjini engu-3.0 litre Ddi turbodiesel enamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm. U-gearbox yi-6 speed auto.
Ngaphandle ihluke kwiLSE nge-grille emnyama ecwebezelayo, amarimu amnyama angu-18 inch ne-centre cap esiliva netende esikhenkeni. Isikhenke lesi sifakwe i-bedliner ukuze singaklwebheki uma ulayishile.
Imibala yayo kukhona uDesert Orange, Splash White, Mercury Silver, Biarritz Blue no-Islay Grey.
Ngaphakathi bengeze omata berabha nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo.
Intengo:
D-MAX 45 3.0 Ddi D/Cab 4x4 AT: R906 100
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ehambisana ne-roadside assistance, anti-corrosion warranty ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.