I-MASTER Drive ithe yize izibalo zobugebengu ezithinta izimoto zikhombisa ukwehla kwezinye izindawo kodwa zisaqhubeka nokuba phezulu.
Ithe izibalo zaphakathi kuka-Okthoba noDisemba 2024, zikhombise ukwenyuka ekudunweni kwezimoto zamabhizinisi.
Izibalo ziveze ukuthi;
- Zingu-4 807 izimoto okubikwe ukuthi ziduniwe nokuwukwehla ngo-19.5% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka owandulela odlule.
- Kusho ukuthi kudunwa izimoto eziwu-52 ngosuku.
- Zibe wu-7 791 izimoto ezebiwe nokuyisibalo esehle ngo-18.3%
- Ukudunwa kwamaloli kwehle ngo-14%
- Ukweba ezimotweni kwehle ngo-12.9%
- Ukubanjwa inkunzi izimoto ezithutha imali kwehle ngo-17%
- IGauteng, Western Cape neKwaZulu-Natal, yizifundazwe eziphambili ngobugebengu obuthinta izimoto.
- Ukudunwa kwezimoto kube wu-56% wabo bonke ubugebengu ngokweTracker Crime Index.
- Ukweba kube u-44% wabo bonke ubugebengu basezimotoweni ngokweTracker Crime Index.
- Izimoto eziningi zidunwe ngoLwesihlanu phakathi kuka-4 ntambama no-9 ebusuku,
- Ukuntshontshwa kwazo kwenzeke ngoMgqibelo phakathi kuka-4 kuya ku-9 ebusuku.
- Ukujemwa kwezimoto wubugebengu obudlangile ezinxanxatheleni yezitolo ngokweFidelity.
- Ngo-2024, ukuhlaselwa kwabebelandelwa kunyukile ngokweFidelity.
IMasterDrive iphakamise lokhu ukungabi sengcupheni;
- Gwema izindawo ezingakhanyi kahle noma izindawo zokupaka eziseceleni.
- Paka ngo-reverse ukuze ukuphuma endaweni yokupaka kwenzeke ngokushesha futhi ubona kahle phambili.
- Kungakuhle ukupaka ngasodongweni noma eduze konogada.
- Phatha ukhiye ngesandla bese ufaka izimpahla ebhuthini ngale kokulokhu ubavula.
- Buyela ekhaya kungakabi mnyama uma kwenzeka.
- Yiba mehlomane, ubheke okwenzeka eduze kwakho.
- Yima endaweni ekhanyayo futhi ephithizelayo uma usebenzisa amatekisi abala ngebanga olihambile futhi ufihle iselula.
- Bika ubugebengu emaphoyiseni ukusiza ukuqoqa imininingwane ngendlela izigebengu ezisebenza ngayo.
- Bhekisisa isicabha semoto yakho ngaphambi kokuhamba.
- Yima phambi kwesibambo sesicabha uma ukhiya ukuze uvimbe amazama ukukujema.
- Uma ufaka izimpahla ebhuthini, hlala uqaphela abaseduze kwakho nokuthi ubani obukayo.
- Khiyela ama-laptops, izikhwama nezinye izinto ezibalulekile ebhuthini uma uphuma emotweni.
- Thenga isikhwama sikakhiye esivimba izigebengu ukuthi ziwenze iwele.