IMOTO: FORD TOURNEO
NGIVELE ngakhumbula ingoma kaDladla Mshunqisi eyayinezinhlamvu ezithi “imoto ifikile pakish’umthwalo uvel’uhambe” ngesikhathi kwethulwa iFord Tourneo entsha.
Phela njengoba uDisemba usondela nje, iyimoto yokushaya izindawo nomndeni njengoba ilayisha abagibeli abayisishiyagalombili, ukubalwa nomshayeli.
Ayigcini kuphela ngokuba ngeyomndeni kodwa nosomabhizinisi noma ukuthutha izicukuthwane ingangena khaxa kulowo mkhakha.
Yize iyimoto enkulu elayisha abantu abaningi kodwa inenjini eyenza ihambe kahle emgwaqweni yize ibinokuzwakala sengathi ayisheshi ukufaka amandla ezindaweni ezidonsayo. Uma usendaweni eqondile noma wehla konke ikwenza kalula kanti nasemgaqweni iyabambelela.
Injini ehamba ngayo ingu-2.0 litre Single-Turbo kadizili ene-AdBlue ukunciphisa isisi esingcolisa umoya.
Amandla ayo angu-100kW ne-torque engu-360Nm futhi idonsa ngamasondo angaphambili ngo-gearbox oyi eight-speed automatic. Igiya baligaxe esiteringini eceleni nokuvula isikhala ngaphambili.
Inama-drive modes ahlukene okubalwa kuwo u-Eco, Tow/Haul ukumelana nezimo zomgwaqo nezidingo zomshayeli. U-tow lo, usiza uma udonsa inqola njengoba ikwazi ukuhudula isisindo esingu-2 500kg.
Kwezobuchwepheshe ine-Adaptive Cruise Control, Iyakugada uma usunyathela ulayini emgaqweni, Iyakutshela uma ungasibambile kahle isiteringi, iyakutshela uma usuzoshayisa ngaphambili, Reverse Brake Assist, Driver Alert with Driver Impairment Monitor, Adaptive Front Lighting System, ABS brakes eneDynamic Stability Control, Electronic Brakeforce Distribution (EBD), Emergency Brake Assist (EBA), Trailer Tow Electrics nekhamera eveza ingaphandle nasezinhlangothini uma upaka.
Iphephile futhi njengoba inama-Airbags ayisithupha okungamabili ngaphambili, asemaceleni nangemuva.
Amasensa ayo ayashesha ukukuxwayisa uma kukhona ongasakwenzi kahle uma ushayela. Engiwaqaphelile kakhulu awokuthi isheshe ikutshele uma usuhamba kulayini emgaqweni noma usukhombisa ukukhathala, ikucele ukuthi ume uphumule kancane ngokunjalo noma usuzoshayisa.
Indlela ebambelela ngayo emgaqweni yenza ungabi nalo uvalo uma uhamba ngayo futhi uyakwazi ukuyishayela isikhathi eside.
Ngaphakathi inesikhala esikhulu esanele kanti nezihlalo zayo eziyindwangu zienza wenze noma yini ofuna ukuyenza. Eziphakathi nendawo uyakwazi ukuziphendula zibhekane nezisemuva, ukuze nikwazi ukuhlala nixoxe uma nisemhlanganweni.
Uyakwazi futhi ukuzikhipha zonke izihlalo zangemuva ulayishe imithwalo.
AbakwaFord bathe okwenze bakhipha enezihlalo eziyindwangu kuphela, inhloso ukuthi behlise intengo yayo ukuze ithengeke. Bathe njengoba ibanga neHyundai Staria bafuna ukwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi bashisise umbango nayo nangokwehlisa intengo yayo kuneStaria.
Nokukhipha enenjini engu-2.0L bathe kusengenye indlela yokuba sembangweni ukuze ingabizi njengoba iStaria inenjini engu-2.2L.
Yize le moto inenjini engu-2.0L kodwa ayidli nhlobo kudizili njengoba idla amalitha angu-8.9 ebangeni elingu-100km/h.
Ino-Auto Stop/Start okungukuthi iyacisha uma usamele amarobhothi idume uma udedela iBrake ngenhloso yokonga udizili.
Ukuchaza okunye enakho, inesikhala esanele ukuthi ungahlala welule imilenze ngaphambili nangemuva. Ezihlalweni eziphakathi nendawo kune-ISOFIX yokubopha isihlalo sengane
Ine-electronic climate control ngaphambili.
Izihlalo zayo zilula uma uziqhathanisa nezendala kanti nokuphakama yehlisiwe ukuze ikwazi ukubambelela emgwaqweni futhi ingashayi phezulu uma ungena ezindaweni zokupaka
Uyakwazi nokuyengeza amaRoof Rails agoqwayo owavula uma ulayisha kuphela.
Ino-13-inch touchscreen infotainment system. Iphinde ibe ne-wireless Android Auto ne-Apple CarPlay ephuma nayo. Ibe ne-12-inch instrument cluster.
Bonke abagibeli bayakwazi uku-charger amaselula abo njengoba ngaphambili inezimbombo ezimbili ze-USB (USB A no-C), i-12V socket, 12 V socket ngemuva nezindawo ezintathu ze-USB.
Ngasohlangothini lomgibeli oseceleni komshayeli kunendawo yokufaka i-laptop kwidashboard okunganela kuyona elingana ne-A4.
Intengo:
Tourneo Trend LWB Bus 2.0L 8AT: R1 070 000
Egaraji iphuma ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, Roadside Assistance yeminyaka emine ne-Corrosion warranty yeminyaka emihlanu kanjalo ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km.