IQINISO liyakusikhulula! Ubani nobani onenkinga yokungavukelwa kwenduku noma singacikoza sifike kuphi ngokukwazi ukuya ocansini, yena uyojabulela ukuphila kwenduku yakhe, ivuke iqine ngqi, ihlukane nokuwela phakathi.
Kwabanye ize inciphe ibe ncanyana, usabe nokuyiveza. Angiphathi lena yokusheshe ikhafule.
Kukho konke eyokushesha ikhafule kuziqwaqwada emakhanda ngenxa yokuthi usuke wena usujabulile, usuthe ekugcineni uMdali usewuzwile umthandazo wakho kanti awubuzanga elangeni. Kuzothi usathi nalu uju, ‘khafu' sewuphelile umhlangano olandelayo kawaziwa ukuthi uyoba nini.
Usuyominca, uzisongasonge uze ufike lapho ivuma khona! Ozakwethu bazovumelana nami ukuthi lezi zimo ezibhaliwe njengeziyimbangela yenduku ewayo, hhayi sengathi kukhona okungakashiwo! Kuyashiwo phela kubalwe onhliziyo, isifo sikashukela njalo njalo kodwa uyothi usuzibhekele zonke izifo ezibaliwe kodwa induku lutho ukunyakaza.
Abanye baze bathandaze izilimi impela, ivele ithi ‘lala lulaza! Akekho ongaphika uma ngithi abafowethu nodadewethu kwezempilo lezi zimo okuthiwa ziyizimbangela sezizanyiwe kodwa umphumela lutho.
Kunabesilisa abaqalwa yilesi sifo besebancane, bengenashukela, bengenanhliziyo eyisifo beziphilela nje. Ngikhuluma ngabantu abangenangcindezi ebuchosheni kodwa lutho kwale! Umbuzo uthi pho inkinga engumsusa ikuphi?
Impendulo ilele ekulumbaneni kokusebenza komzimba kuphembelwa wukugula okuphehlwa yisibindi. ‘Uthini udokotela?’, omunye uzosho.
Ngisho ngikhumbuza ukuthi isibindi singumakhonya emzimbeni, ukugula kwaso kubhebhethekisa ukugcwala kobuthi egazini, gazi lelo elizogcwala umzimba wonke. Isibindi sithontelanisa amafutha awushevu.
Yila mafutha azophehla izifo eziyisishiyagalombili ezivele zigcwale umzimba wonke. Ziyakwazi lezi zifo eziyisishiyagalombili ukwakha amadlangala esibelethweni kowesifazane, bese zidala izigaxa, noma zibe sesidlekeni samaqanda lapho zidala ukungabatholi abantwana.
Kowesilisa ziyahlala zihlasele imithanjana ehambisa igazi endukwini, umphumela kube yinduku engavuki, enciphayo nesheshe ikhafule. Kokunye ziyohlala ekhanda kowesilisa nowesifazane, okulandelayo yikhanda elibuhlungu lingayeki iminyakanyaka.
Abebe ngazi, yilesi sizathu sokwazi umsusa wamakhanda abuhlungu esenza sikwazi ukwelapha zonke izinhlobo zamakhanda abuhlungu, sikhuluma ngabantu abasuke bekade bephuma bengena bethungatha amakhambi azolapha ikhanda.
Engifisa sikubone futhi esikugcizelela kakhulu lapha namhlanje wukuthi umsuka omkhulu oholela endukwini engasebenzi, usuka esibindini.
Sithi lezi zifo eziwubuthi zibe seziqonda ngqo ezingxenyeni zobulili besilisa, imiphumela kube yinduku engasebenzi, kokunye kuze kube yinkinga yokungabatholi abantwana. Isikhathi esiningi bekulokhu kumangaza ukubona izingane ezincane ezingakabi nazo zonke lezi zifo ezejwayelekile, okuthiwa zinomthelela ezinkingeni zenduku, njengenhliziyo engasenamandla zihlushwa yizinkinga zenduku, kokunye nokungabatholi abantwana.
Ucwaniingo seliwukhombile umsusa womhlola. La mafutha esibindini ayinkinga enkulu, uphando lusho njalo. Inselelo odokotela abaningi abafunde lolu cwaningo lungakafiki, ngeke ubezwe bekhuluma ngala mafutha ayingozi kangaka asesibindini.
Lesi sisodwa ngesinye sezizathu ezenza lesi sifo sibe yinkinga engaka nabantu babe baningi kangaka abanekinga yenduku, ukuncipha kwayo nokusheshe ikhafule.
Enye into engumthelela ngalesi sifo yindlela esingena ngayo. Sizihambela kancane kasijahi ndawo. Wonke umuntu simlimaza ngonyawo lonwabu, elokhu ethi umuntu mahlayeni kusazolunga, kanti yilapha ekuqaleni kwezimpawu okumele ngabe siyangenela selaphe isibindi.
Ngicela ukusika elijikayo, ngithi nakwabesifazane isibindi esinamafutha sidala ukwehla kothando locansi, ukungafiki kuvuthondaba, ukungavukelwa ungumuntu wesifazane, nokungabatholi abantwana. Okubuhlungu wukuthi baningi abantu abasaqhubeka benale nkinga ngoba asifuni ukwelapha umsuka okuyila mafutha asesibindini.
Ngiyaphinda, abantu bakithi abakathandi ukwelapha isibindi, noma sesichaze kangakanani kule ngosi nalapho sikhuluma umlomo nomlomo. Kwesinye isikhathi ngize ngicabange ukuthi kasifuni ukwelapha isibindi ngoba udokotela ochaza lokhu kugula emnyama ngebala, ukube ngangimhlophe ngabe sikhuluma ngengqwaba yabantu abangabe sebelashiwe.
Iqiniso esingasoze silibalekele wukuthi abantu bayagula ngenxa yesibindi, abantu bayaqhubeka bayahamba emhlabeni ngenxa yesibindi esigcwele amafutha.
Lokhu kuzokwenzeka sithanda noma singathandi! Uma induku ingasebenzi, uma induku iwela phakathi, induku enciphayo, esheshe ikhafule, konke kungenxa yesibindi esikhiqiza izifo ngenxa yamafutha aqaqele esibindini.
Kumele ngabe siyabuza ukuthi la mafutha asesibindini afike kanjani? Seyiphenduke iculo incazelo ethi amafutha asesibindini abangwa ngutshwala, ukudla okuswidi kuhlanganisa ama-roll, isinkwa esimhlophe, ushukela, ukudla okuthengwa sekuphrosesiwe ngikhuluma ngalokhu kudla okunenqwaba yezakhi nawe ongazazi ukuthi ziyini, ukudla okufana nama-pizza, amakhekhe nenyama yenkukhu olamthuthu.
Umyalezo wanamuhla uthi: kusisiza kangakanani ukuba nolwazi oludephile ngocansi kodwa lube lungakwazi ukusebenza ithuluzi locansi? Yingakho namhlanje ngikubone kubalulekile ukucoboshisa ngolwazi lomsuka wesifo senduku ewayo, enciphayo nokungabatholi abantwana ungumuntu wesilisa. Siphendula umbuzo othi iyini imbangela yokuphunduleka kwenduku usemncane?
Kunesigatshana esingenhla lapho esize sadlula sathi lokhu okwenzeka kowesilisa kuyenzeka nakumuntu wesifazane, athi emncane avele angahaleli ucansi aphinde, angafiki kuvuthondaba, kwabanye aze angavukelwa emncane enjalo.
Sichazile sathi imbangela ngamafutha akhela esibindini ebangelwa ikakhulu wushukela nakho konke okunoshukela, ukudla okuphehliwe (processed) njengesinkwa, ama-roll, ama-corn flake, nokuningi okunhlobonhlobo?
Uthi bewazi nje ukuthi ushukela owuthola esinkweni esimhlophe ungaphezulu kowuthola esilinganisweni esifanayo sikashukela uqobo? Ngale ndlela ngiyethemba siyabona ubungozi bokudla okuphehliwe ukuthi kubukeka kungenankinga kodwa uma usucubungulisisa ingozi iyazicacisa.
Yini okumele siyenze ukuze induku iphile ibe ngumqemane, abangenabantwana bashekelele okonakalayo? Yini esingayeza ukuze mina wesifazane ngifike kuvuthondaba, ngihalele ucansi, ngiyeke ukungavukelwa?
Yelapha isibindi sakho ngezinsuku eziyishumi. Sizokulalisa esibhedlela
sethu sangaphakathi
Emuva kokwelapha isibindi, uzongena ohlelweni esilubiza ngokuthi yi‘shumi eshumini’, lapha udla ukudla wenze izinto ezithile eziyishumi ezinsukwini eziyishumu. Lolu hlelo sake saluchaza ngazinye izinto ezilandelwayo kwenye yezingosi phambilini.
Okokugcina sikufaka ohlelweni oluthile
lokudla. Ngenxa yamagama anqunyelwe ingosi
ngeke ngikwazi ukuchaza konke
Sizokulandela sikuhlole, siqinisekise konke ukuthi kuhamba kahle izinyanga ezintathu
Mpilonde!