NGITHOLE umyalezo obhalwe ngomunye ofisa ukusizwa ngokwenzeka emzimbeni wakhe, ikakhulu okuthinta nezinso. Le ncwadi ngiyifake ngendlela ebhalwe ngakhipha igama, isibongo nendawo:
“Sanibona we zintokazi ezinhle ezifana nelanga uma liphuma entwasahlobo. Ngibona izinombolo zenu ephephandabeni nichaza ngesifo sezinso, incazelo yenu ingithintile makhosazane.
“Ngiwumuntu osenekhathi ephila phansi kwemiyalelo kadokotela yokuthi izinso zami ziyahluleka (kidney failure), wangeluleka ngokuphuza amanzi kakhulu. Ngiyakwenza, angikaze ngingene emshinini. Ngiyakhathala nomchamo ungaphumi kahle. Inhliziyo iba nokushaya ngamandla kanti nginokujuluka ngendlela eyethusayo. Ngine-BP engehli ngesinye isikhathi. Ngicela ukwazi ukuthi nikuphi ngoba ngiyakudinga ukusizakala, ngingabonga.”
Ngifisa silandele ukuchaza okuthi kukhona ukukhathala okungalawuleki emzimbeni kamfowethu obhalile.
Ngiyafisa sibuke imbangela yokukhathala okwenziwa yizinso, sicathulisane ngokuyimbangela yakho. Empeleni sifika kanjani kulokhu kukhathala komzimba okungaka?
Imisebenzi ebalulekile eyenziwa yizinso ukukhiphela ngaphandle komzimba okuwudoti okungasadingwa ngumzimba. Zibhalansisa namaswayi emzimbeni, ngingakushiyi ngaphandle ukwenziwa kwamakhemikhali okulawula ukushaya kwenhliziyo kanye neyokulawula ukwenziwa kwezakhi (red blood cells) zegazi uqobo.
Izinso esezihluleka ukukhiphela ngaphandle udoti, lokhu kuchamisela ukugcwala kwalo doti emzimbeni. Kufana nokuthi uma sizoqoqa udoti, siyowuphonsa emigwaqweni lapho kuhamba khona izimoto, akukho moto ezohamba kuze kube kugudluzwa udoti osemgwaqweni.
Lokhu kusho ukuthi izingane ebezizoya esikoleni azikwazi ukuya, ukudla obekuzohanjiswa kubantu akufiki, kanye nemithi ebidingwa yiziguli ezibhedlela nasemtholampilo kayifiki.
Kanjalo nasemzimbeni, ukugcwala kukadoti emigwaqweni yomzimba kuvalela izakhi zemisebenzi eyahlukene, ezigcina zingadluli ziye lapho kumele zifike khona. Kuphinde kusho ukunamathela kwalo doti ezindaweni okungamele zithinteke, okuzolandela ukuthontelana kwemiyalezo ephundula ukusebenza komzimba.
Yingakho imizimba ikhathala kangaka, yingoba okumele kwenzeke akwenzekanga. Okumele kufike akufikanga. Imishini okumele igaye imile, ayazi okumelwe kwenziwe.
Okulandelayo okudala ukukhathala komzimba ukushoda komoya i-oxygen okuyiyona eletha amandla emzimbeni. Kanjani? Omunye wemisebenzi yezinso ukukhiqiza ikhemikhali okuthiwa yi-Erythropoetin, enomsebenzi wokunukisela uma umzimba usudinga ukutshela amathambo athile ukuthi mawakhiqize izakhi zegazi (red blood cells) ukuze kuhanjiswe igazi lapho lidingwa khona.
Le khemikhali eyi-Erythropoetin ikhiqizwa yizinso. Nakho-ke izinso azisasebenzi! Igazi alizukukwazi ukuhambisa i-oxygen lapho idingwa khona ngoba izakhi (red blood cells) ziyashoda. Nakanjani uzoqhubeka nokukhathala okusuka ebuchosheni kuze kuyofika kubhozo ekugcineni komzimba.
Abantu abaguliswa yizinso ezingasasebenzi bayakhathala kakhulu, baqalwa yiphika ngenxa yale khemikhali engasakhiqizeki ezinsweni. Yingakho ngisho umuntu oseshodelwa ukuphefumula kahle ngenxa yezinso, ngisho ungamfaka umoya (oxygen) ongakanani, isimo ngeke sibuyele ngenxa yezinqola ezizothwala lo moya ezingakhandwanga emathanjeni ngoba phela izinso aziwukhiphanga umyalezo wokushoda kwazo izinqola.
Sike sasho ngenhla sathi kubalulekile ukusebenza kwezinso ukuze amaswayi ahlale ebhalansile. Ziningi izinhlobo zamaswayi abakulekile emzimbeni abhalansiswa yizinso. Uma izinso seziphundulekile kuningi okonakala okwenzeka odongwananeni oluzungeze izakhi (cell membrane); umzimba uqhubeke nokukhathala.
Akuzukuphela ekukhathaleni ngoba okulandelayo ukuphelelwa amandla, ukuqhaqhazela, uphalaze ngenxa yakho belu ukugcwala kwalo doti osemzimbeni. Yingakho kubalulekile ukuthi lo doti uphumele ngaphandle. Umshini wokudayalaza (dialysis) ungena lapho.
Angiphinde ngigcizelele ukuthi uma isimo sisibi ukudayalaza kuzosiza kodwa ukuqhubeka nakho isikhathi eside kwenza izinso zikhohlwe umsebenzi wazo kulabo abangafisi ukulokhu bedayalazwa. Izinso ziyakwazi ukubuyela emsebenzini wazo, inqobo nje uma kuzolandelwa izinhlelo nemigwaqo ngokufanele.
Senzenjani thina uma umzimba uvendlezekile? Abanye bavele balale bengazi ukuthi kumele benzenjani. Abanye bahamba bayokwenza okuphambene kakhulu, okuwukuthenga siphuze lezi ziphuzo okuthiwa ziletha amandla. Abanye bayaphalaza, bechathe.
Ngokweqiniso, ukuphalaza kuzokusiza isikhashana ngoba omunye walo doti uzokwazi ukuwukhipha ngaphandle. Kanjalo nokuchatha. Okuzoba yinkinga kuzoba ukuthi ekuphalazeni nasekuchatheni akwazekanga ukuthi yimaphi amaswayi ashodayo nadinga ukufakelwa. Ekugcineni ugcine ungasizakalanga kakhulu.
Ukuphuza amanzi kuhle futhi ngiyakukhuthaza, kodwa akwenele kukodwa ekusizeni izinso zisimame. Umsebenzi wokubuyisela izinso endaweni yazo awukho mncane. Mkhulu, udinga ukusebenzisana phakathi kukadokotela nalowo ogulayo.
Ukube kwakungukuphuza nje amanzi ngabe bambalwa abantu abanezinso ezingasebenzi. Kubantu esibelaphayo kuthatha amasonto ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili ukuhluza izinso esezihluleka, okusekugcineni ukuhluza igazi uzibuyisele endaweni encomekayo.
Ngiyaphinda ngithi, qiniseka amanzi owaphuzayo awanayo ikhemikhali i-fluoride okanye i-chloride ngoba uma uzovele uphuze noma yimaphi amanzi uzigwaza ngowakho. Okusho ukuthi amanzi kampompi asuka kumasipala ayingozi kuwe, amanzi asezitolo athengwayo abukisise ubheke ukuthi awanayo yini le khemikhali engenhla. Zikhona izinkampani ezikhiqiza amanzi angenawo la makhemikhali. Amanzi emvula yiwona alungile futhi esiwatusayo uma ufuna ukuphila.
Mpilonde!